Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 21:1 - IsiZulu 2020

1 Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha, ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha, ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile; ulwandle lwalungasekho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha, ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile; ulwandle lwalungasekho.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 21:1
13 Referans Kwoze  

Kepha thina njengokwesithembiso sakhe, silindele amazulu amasha nomhlaba omusha, okukhona kuwo ukulunga.


“Njengalokhu izulu elisha nomhlaba omusha engiyakukwenza kuyakuma phambi kwami,” kusho uSimakade, “kanjalo izizukulwane zakho negama lakho kuyakuma.


Ohleli esihlalweni sobukhosi wayesethi: “Manje ngenza konke kube kusha.” Wathi: “Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, futhi aliqiniso.”


Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela lapho amazulu eyakushabalala ngokushesha okukhulu; kuyakusha konke emlilweni, kubhujiswe; nomhlaba nayo yonke imisebenzi yawo, kungabe kusaba bikho.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohleli kuso; obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akwatholelwa ndawo.


Ngalolo lusuku uSimakade uyojezisa uLeviyathani ngenkemba yakhe enonya, elukhuni nemandla. ULeviyathani yinkanyamba esheshayo, futhi ethandelayo, uyobulala nenkanyamba yasolwandle ehlala khona.


Izilo ezine ezinkulu zaphuma olwandle, zehlukile esinye kwesinye.


Ngase ngibona kukhuphuka isilo olwandle, sinezimpondo ezilishumi namakhanda ayisikhombisa, ezimpondweni zaso kukhona imiqhele elishumi, emakhanda aso kunamagama ahlambalazayo.


Ababi banjengolwandle olugubhayo, olungakwazi ukuthula, olumanzi alo akhipha udaka nobishi.


Abahlawulelweyo bakaSimakade bayobuya, bafike eZiyoni bejabula. Intokozo engapheliyo iyoba semakhanda abo phakade, bayothola injabulo nentokozo, kubaleke usizi nokububula.


nayo indalo uqobo iyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, ikhululelwe enkazimulweni yabantwana bakaNkulunkulu.


izulu lagoqwa njengomqulu wencwadi usongwa, izintaba zonke neziqhingi zazimbulwa ezindaweni zazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite