Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 20:9 - IsiZulu 2020

9 Zase zikhuphukela phezu kobubanzi bomhlaba, zazungeza inkambu labangcwele nomuzi othandiweyo, kwase kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Zase zikhuphukela ngaphezu kobubanzi bomhlaba, zakaka ikamu* labangcwele nomuzi othandiweyo; kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Basenyukela ebubanzini bomhlaba, bahaqa ikamu labangcwele nomuzi othandekayo; kwehla umlilo uvela kuNkulunkulu uvela ezulwini, wabaqeda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Basenyukela ebubanzini bomhlaba, bahaqa ikamu labangcwele nomuzi othandekayo; kwehla umlilo uvela kuNkulunkulu uvela ezulwini, wabaqeda.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 20:9
33 Referans Kwoze  

Uyakukhuphukela khona ukuba uthelekele abantu bami u-Israyeli, njengefu lisibekela izwe. Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo ngikuyise kubantu bami, ukuze izizwe zazi lapho ngizibonakalisa ngawe, Gogi, ukuthi ngingcwele, ziyakuzibonela ngawazo amehlo.”


“ ‘ “Ngiyakuthumela umlilo kuMagogi, nakulabo abahlala ngokulondeka eziqhingini; bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.


Ngiyakumehlulela ngobhubhane nangokuchitheka kwegazi, ngimthelekele ngemvula ekhukhulayo, ngamatshe esichotho, nesibabule esivuthayo ngisehlisele kuye, emabuthweni akhe, nasezizweni eziningi ezikanye naye.


Uyakukhuphukisa okwesishingishane, usibekele izwe njengefu, wena nawo wonke amaviyo akho, nezizwe eziningi zikanye nawe.”


iselangabini lomlilo, ukuba ijezise labo abangamaziyo uNkulunkulu nabangalilaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu.


Iviyo labo lathungelwa ngomlilo, ilangabi labashisa labaqeda ababi.


Umlilo uhamba phambi kwakhe, uzishwabadele nxazonke izitha zakhe.


Senza izibonakaliso ezinkulu, ngisho nokwehlisa umlilo ezulwini wehlele emhlabeni phambi kwabantu.


Uma kukhona ofuna ukubenzakalisa laba, kuphuma umlilo emilonyeni yabo, ubhubhise izitha zabo. Yebo, uma kukhona ofuna ukubalimaza, kufanele ukuba abulawe kanjalo.


Kepha kwathi ngosuku uLothi aphuma ngalo eSodoma, lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke.


Abafundi bakhe, oJakobe noJohane, bekubona lokho, bathi: “Nkosi, uyathanda yini ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwabhubhise na?”


Ingelosi kaSimakade yaphuma yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000. Kuvukwa ngakusasa, babona ukuthi bonke babefile kuyizigingqane zezidumbu.


Kweza umlilo uvela kuSimakade, wabaqothula abantu abangama-250 ababenikele ngempepho.


Abantu bakhononda, uSimakade wezwa, kwaba kubi ezindlebeni zakhe, ngakho-ke intukuthelo yakhe yavutha phakathi kwabo, umlilo kaSimakade washa ubuhanguhangu phakathi kwabo, wabhubhisa ngisho imikhawulo yenkambu.


Ngakho-ke masiphumele kuye ngaphandle kwenkambu, sithwale ihlazo lakhe.


Ngokuba niyabona-ke, sengizakuvusa amaKhaledi, isizwe esinonya nesidlovayo, esidabula ebubanzini bomhlaba siyodla izindawo zokuhlala okungesizo ezaso.


Obavulela indlela uyakuhamba phambi kwabo. Bayakufohla, badlulele esangweni, baphume ngalo. Inkosi yabo isidlulile phambi kwabo, uSimakade useyinhloko yabo.”


Indawo yakhe yokushisela ihlelwe kudala, ilungiselwe inkosi; uyenze yajula, yaba banzi, wabeka izinkuni eziningi, nokuphefumula kukaSimakade kunjengomfula wesibabule, kuyakuyithungela ngomlilo.


Inceku yomuntu kaNkulunkulu yavuka ekuseni, yaphuma; bheka, impi enamahhashi nezinqola yayiwuzungezile umuzi. Inceku yakhe yathi kuye: “Maye, nkosi! Siyakwenzenjani na?”


USimakade wehlisela ikloba lomlilo wesibabule njengemvula phezu kweSodoma neGomora, livela ezulwini.


“Kuyakuthi nxa nibona iJerusalema lihaqwe yizimpi, bese nazi-ke ukuthi sekusondele ukubhujiswa kwalo.


Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku lapho izitha zakho ziyakwakha ugange, zikuhaqe, zikuvimbezele macala wonke.


ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uyahamba ehla enyuka phakathi kwenkambu ukukuhlenga, futhi izitha zakho uzinikele kuwe. Ngalokho-ke inkambu yakho liyokuba ngcwele ukuze angaboni into engcolileyo phakathi kwenu, bese ekufulathela.”


USimakade uyawathanda amasango eZiyoni kunayo yonke imizi kaJakobe.


Uyabuqonda yini ububanzi bomhlaba na? Yisho uma ukwazi konke lokho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite