Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 2:17 - IsiZulu 2020

17 “ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana efihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, futhi kulotshiwe etsheni igama elisha elingaziwa muntu, kuphela lowo olemukelayo.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana* elifihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, nasetsheni kulotshiwe igama elisha elingaziwa muntu, ngolamukelayo kuphela.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 2:17
24 Referans Kwoze  

Izizwe ziyokubona ukulunga kwakho, namakhosi wonke inkazimulo yakho; uyobizwa ngegama elisha eliyonqunywa ngumlomo kaSimakade.


Niyakulishiya igama lenu, libe yisiqalekiso kwabakhethiweyo bami, iNkosi uSimakade iyonibulala, ibize izinceku zayo ngelinye igama.


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili.’


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila osePharadisi likaNkulunkulu.’


Bahlabelela kwangathi yigama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine namalunga, kodwa akubanga bikho noyedwa owaba namandla okufunda lelo culo, kuphela abayizi-144 000 ababehlengwe emhlabeni.


“ ‘Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’ ”


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.’


Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihlwe noKhristu kuNkulunkulu,


Umuntu wemvelo akakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye, futhi angekuqonde lokho; kuqondisiswa ngokomoya.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Yingokuba nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kodwa bona kabakuphiwanga lokho.


Ngalokho isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Niyabona-ke, izinceku zami ziyakudla, kodwa nina niyakulamba; bhekani, izinceku zami ziyakuphuza, kepha nina niyokoma; bhekani, izinceku zami ziyakuthokoza, kodwa nina niyakujabha;


ngokuba oyisigwegwe uyisinengiso kuSimakade, kepha abaqotho bayisifuba sakhe.


Bazitika ngokumtoti okusendlini yakho, ubaphuzise emfuleni wokuthokoza kwakho.


USimakade ungumngani walabo abamesabayo, ubafundisa ukuba basazi isivumelwano sakhe.


Kepha wathi kubo: “Nginokudla engikudlayo eningakwaziyo nina.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Kubathenwa abagcina amasabatha ami, nabakhetha engikuthandayo, nababambelela esivumelwaneni sami;


Inhliziyo iyabazi ubuhlungu bayo, kodwa umfokazi akanakuhlanganyela entokozweni yayo.


UMose wathi ku-Aroni: “Thatha isitsha, ufake kuso i-omeri lemana ligcwale, ulibeke phambi kukaSimakade ukuze ligcinelwe izizukulwane zenu.”


ngiyakubanika endlini yami naphakathi kwezingange zami isikhumbuzo negama elihle kunamadodana namadodakazi; ngiyakubanika igama eliphakade, elingayukuphela.


Engutsheni yakhe nasethangeni lakhe kulotshwe igama elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI.


Onezindlebe zokuzwa, makezwe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite