Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 18:4 - IsiZulu 2020

4 Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Bantu bami, phumani kulo, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zalo, futhi ningehlelwa yizinhlupheko zalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Phumani kuyo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zayo, nokuze ningamukeli okwezinhlupho zayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Phumani kuyo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zayo, nokuze ningamukeli okwezinhlupho zayo.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 18:4
16 Referans Kwoze  

Ngakho-ke: “Phumani phakathi kwabo, nehlukane nabo,” kusho iNkosi. “Ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,


“Balekani eBhabhele, kube yilowo nalowo asindise impilo yakhe, ningabhujiswa ngenxa yokona kwalo, ngokuba yisikhathi sempindiselo kaSimakade, uyakuphindisela kulo.


“Phumani kulo, bantu bami, kube yilowo nalowo asindise impilo yakhe olakeni lukaSimakade oluvuthayo.


Hambani, hambani, phumani lapho! Ningathinti lutho olungcolileyo, phumani phakathi kwalo, zihlambululeni, nina eniphatha izitsha zikaSimakade.


“Balekani eBhabhele, niphume ezweni lamaKhaledi, hambani, nifane nezimpongo zihola umhlambi.


Ungaxhamazeli ubeke izandla kunoma ngubani, futhi ungahlanganyeli ezonweni zabanye, kodwa uhlale umsulwa.


Phumani eBhabhele nibalekele amaKhaledi; kumemezeleni lokho ngezwi lokujabula, nikuzwakalise, nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, nithi: “USimakade uyihlengile inceku yakhe, uJakobe.”


Uma ubona isela, uvumelana nalo, neziphingi uhlanganyela nazo.


Ngokuba ombingelelayo uyobe uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi.


Nina eniphunyuke enkembeni, hambani, ningami; khumbulani uSimakade nikwelikude izwe, nicabange ngeJerusalema.


Nithi: ‘Ukuba sasikhona emihleni yobaba, sasingayukuhlanganyela nabo ekuchitheni igazi labaphrofethi.’


ULothi waphuma wakhuluma nabakhwenyana bakwakhe, wathi: “Phuthumani niphume niphele kulo muzi, ngokuba uSimakade uzowubhubhisa.” Kepha bekuzwa lokho bakuthatha njengamancoko nje.


“Ngabe silelaphile iBhabhele, kodwa alelapheki, lishiyeni, masihambe, kube yilowo nalowo aye ezweni lakubo, ngokuba ukwehlulelwa kwalo kufinyelela ezulwini, kuphakanyiselwe nasemafini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite