Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 17:8 - IsiZulu 2020

8 Isilo owasibonayo sasikhona, kodwa asisekho; sizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni. Laba abakhileyo emhlabeni, abamagama abo engalotshwanga encwadini yokuphila, kusukela kwasekelwa umhlaba, lapho bebona ukuthi isilo kanti sasikhona, kepha asisekho, sisazobuye sibe khona, bayakumangala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Isilo owasibonayo sasikhona, asisekho; kepha sesizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni; nabakhileyo emhlabeni bayakumangala, labo abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila, selokhu kwasekelwa izwe, nxa bebona isilo ukuthi sasikhona, kepha asisekho, kanti sizakuba khona.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Isilo owasibonayo sasikhona, kodwa asisekho; bayakwenyuka bephuma kwalasha, baye ekubhujisweni; bayakumangala abahlezi emhlabeni, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila kusukela ekusekelweni komhlaba, lapho bebona isilo esasikhona, ayikho, kanti nokho ikhona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Isilo owasibonayo sasikhona, kodwa asisekho; bayakwenyuka bephuma kwalasha, baye ekubhujisweni; bayakumangala abahlezi emhlabeni, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila kusukela ekusekelweni komhlaba, lapho bebona isilo esasikhona, ayikho, kanti nokho ikhona.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 17:8
28 Referans Kwoze  

Isilo esasikhona, kodwa esingasekho, sona singesesishiyagalombili, sikuwo ayisikhombisa, futhi siya ekubhujisweni.


Kuyakuthi lapho sebeqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha silwe nabo, sibanqobe, sibabulale.


Ngokuba uligcinile izwi lami, wabekezela, nami ngizakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika emhlabeni wonke, ukulinga bonke abahlala kuwo.


Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, igama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, futhi ngiyakulivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.


“INkosi iyakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusiswe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.


Ngabona abafileyo, abadala nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; kwase kuvulwa izincwadi; nenye incwadi yavulwa, okuyincwadi yokuphila. Abafileyo bahlulelwa ngalokho okwakulotshwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


nasethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongawaqambi amanga akwethembisa zingakabi bikho izikhathi zaphakade,


njengalokhu asikhetha kuye ngothando ungakasekelwa umhlaba ukuba sibe ngcwele, singabi nasici phambi kwakhe.


“Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bonababe nami lapho ngikhona, ukuze bayibone inkazimulo yami ongiphe yona, ngokuba wangithanda umhlaba ungakasekelwa.


“Ngabheka ngaleso sikhathi ngenxa yomsindo omkhulu wamazwi ayekhulunywa luphondo. Ngabuka saze sabulawa isilo umzimba waso wabhujiswa, saphonswa emlilweni ovuthayo.


Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.


USathane owazidukisa waphonswa echibini lomlilo nesibabuli, lapho kukhona isilo nomphrofethi wamanga. Kulapho beyakuhlushwa khona imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


okwaziwayo kwaphakade.


Iyakumisa ithende lendlu yayo yobukhosi phakathi kolwandle nentaba enhle engcwele, kepha ilibhekise esiphethweni sayo, akakho ongayisiza.”


“ ‘Kepha abehluleli bayakuhlala, bakususe ukubusa kwayo kuqedwe kuphele nya kuze kube phakade.


“Emveni kwalokho ngabona emibonweni ebusuku; bheka, isilo sesine, esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu, sinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso. Sasehlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso sinezimpondo ezilishumi.


Wakhethwa umhlaba ungakasekelwa, kodwa wabonakaliswa ngezikhathi zokugcina ngenxa yenu,


Mabesulwe encwadini yabaphilayo, bangalotshwa kanye nabalungileyo.


Izilo ezine ezinkulu zaphuma olwandle, zehlukile esinye kwesinye.


Kepha amadimoni amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha.


Nokho ningathokozi ngalokhu ukuthi imimoya iyanithobela, kodwa jabulelani ukuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.”


afeba naso amakhosi omhlaba; nabakhileyo emhlabeni badakwa yiwayini lobufebe baso.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite