Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 16:9 - IsiZulu 2020

9 Abantu bashiswa ngukushisa okukhulu, kodwa balihlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupheko, futhi abaphendukanga ukuba bamnike udumo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Abantu bashiswa ngokushiswa okukhulu, kepha bahlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupho, kodwa abaphendukanga ukuba bamdumise.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Abantu bashiswa ukushisa okukhulu, bahlambalaza igama likaNkulunkulu onegunya phezu kwalezi zinhlupho, kepha abaphendukanga ukuba bamkhazimulise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Abantu bashiswa ukushisa okukhulu, bahlambalaza igama likaNkulunkulu onegunya phezu kwalezi zinhlupho, kepha abaphendukanga ukuba bamkhazimulise.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 16:9
20 Referans Kwoze  

Abantu bahlaselwa yisichotho esikhulu esasisinda ngangethalenta, sivela ezulwini. Abantu bahlambalaza uNkulunkulu ngenxa yenhlupheko yesichotho, ngokuba yayinkulu kakhulu.


Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwathi okweshumi komuzi kwawa, kwafa ekuzamazameni komhlaba abantu abayizi-7 000, kwathi abasalayo bashaywa wuvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.


Ngamnika ithuba lokuba aphenduke, kodwa akavumi ukuphenduka ebufebeni bakhe.


Ngithi akunjalo: kodwa uma ningaphenduki niyakubhubha nonke njengabo.”


Ngithi kini: akunjalo, kodwa uma ningaphenduki, niyakubhubha nonke njengabo.


Simakade, kanti amehlo akho awafuni lona yini iqiniso na? Ubashayile, kodwa abadabukanga, ubaqedile, kepha balile ukwemukela ukuyalwa; ubuso babo babenze balukhuni ukwedlula itshe, benqaba ukuphenduka.


Yasho ngezwi elikhulu, ithi: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike udumo, ngokuba ihora lokwehlulela kwakhe selifikile. Mkhonzeni lowo owadala izulu, umhlaba ulwandle, nemithombo yamanzi.”


Kepha abanye abantu abangabulawanga ngalezo zinhlupheko abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo, ukuba bangakhuleki kuwo amadimoni, nakuzo izithombe zegolide, ezesiliva, ezethusi, ezamatshe, ezemithi, ezingaboni, ezingezwa, nezingahambi.


funa kuthi ekufikeni kwami futhi, uNkulunkulu wami angithobise phambi kwenu, ngililele abaningi abebekade bonile, bengaphendukanga kulokho abakwenzileyo, ekungcoleni, ebufebeni, nasemanyaleni.


“ ‘Ekungcoleni kwakho ngenxa yobufebe ngakuhlambulula, kodwa awuhlambulukanga ekungcoleni kwakho, ngeke uphinde uhlanzeke ngize ngilwanelise ulaka lwami, ngimelene nawe.


Bayodabula ezweni bexakekile, futhi belambile. Ekulambeni kwabo bayovutha bhe ulaka, bayethuke inkosi yabo noNkulunkulu wabo, baphenduke babheke phezulu.


Nisazoshaywa kuphi futhi, lokhu nisaqhubeka nokuhlubuka na? Lonke ikhanda liyagula, nenhliziyo yonke ibuthakathaka.


Ngesikhathi sokuhlushwa kwakhe, inkosi u-Ahazi yaqhubeka yenza okubi kuSimakade.


Esakhuluma nawo, inkosi yehlela kuye, yathi: “Uyabona-ke, lobu bubi buvela kuSimakade. Pho kungani kusamele ngimlinde uSimakade na?”


UJoshuwa wathi ku-Akhani: “Ndodana yami, mnikeze udumo uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uvume kuye isono sakho. Ngitshele manje ukuthi wenzeni; ungangifihleli lutho.”


Kwathi ngasekupheleni kwezinsuku eziningi, uSimakade wathi kimi: “Suka uye ePheratha, uthathe lapho indwangu yasokhalo engakuyala ukuba uyifihle lapho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite