Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 16:19 - IsiZulu 2020

19 Umuzi omkhulu wanqamuka kathathu, nemizi yabezizwe yawa. IBhabhiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Umuzi omkhulu waba yizinqamu ezintathu, nemizi yabezizwe yawa. NeBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Umuzi omkhulu wahlukaniswa waba izingxenye ezintathu, nemizi yezizwe yawa, neBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu, ukuba alinike indebe yewayini lolaka lolaka lwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Umuzi omkhulu wahlukaniswa waba izingxenye ezintathu, nemizi yezizwe yawa, neBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu, ukuba alinike indebe yewayini lolaka lolaka lwakhe.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 16:19
15 Referans Kwoze  

Ngokuba izono zalo sezifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo.


Ayomela kude ngenxa yokwesaba ukuhlupheka kwalo, athi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu waseBhabhiloni, muzi onamandla, ngokuba ukwehlulelwa kwakho kufike ngehora linye nje!’


Owesifazane ombonileyo ungumuzi omkhulu, onombuso obusa phezu kwamakhosi omhlaba.”


Ingelosi enamandla yaqukula itshe lokugaya elikhulu, yaliphonsa olwandle, ithi: “Liyakwenziwa kanjalo iBhabhiloni umuzi omkhulu, liphonswe ngamandla, lingabe lisatholakala nanini.


Yamemeza ngezwi elikhulu, yathi: “Liwile, liwile iBhabhiloni elikhulu, seliphenduke indawo ehlala amadimoni, nejele layo yonke imimoya engcolileyo, nazo zonke izinyoni ezingcolileyo nezinengekayo, nazo zonke izilwane ezingcolile nezinengekayo.


ebunzini lakhe kulotshwe igama eliyimfihlakalo, elithi: IBHABHILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA.


Inkosi yathatha, yathi: “Angithi yileli Bhabhele elikhulu engilakhileyo ukuba libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami na?”


wonke amakhosi asenyakatho, akude naseduze, yileyo naleyo, nayo yonke imibuso yezwe esebusweni bomhlaba; emva kwabo bonke, kuyophuza inkosi yaseSheshakhi.


Izidumbu zabo ziyakudindiliza emigwaqweni yomuzi omkhulu okuthiwa ngokomoya iSodoma neGibhithe, lapho neNkosi yabo yabethelwa khona.


Ngiyakubadlisa abakucindezelayo, inyama yabo, badakwe yigazi labo kube ngathi bekuyiwayini elimnandi; abantu bonke bayokwazi ukuthi Mina Simakade nginguMsindisi wakho, uMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.”


Kwase kuza enye yezingelosi eziyisikhombisa ezaziphethe izitsha eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi: “Woza, ngikutshengise ukwehlulelwa kwesifebe esikhulu esihleli phezu kwamanzi amaningi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite