Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 14:6 - IsiZulu 2020

6 Ngabona futhi enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli eliphakade, eyakulishumayela kulabo abahleli emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, imindeni, izilimi nabantu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngase ngibona enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli eliphakade ilishumayela kwabahlezi emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Ngase ngibona enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli laphakade ukubalishumayele kwabakhileyo emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngase ngibona enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli laphakade ukubalishumayele kwabakhileyo emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu;

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 14:6
30 Referans Kwoze  

Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.


Ngase ngibona, futhi ngezwa ukhozi lundiza emkhathini wezulu, lumemeza ngezwi elikhulu, luthi: “Maye, maye, maye kulabo abakhileyo emhlabeni, lapho sekukhala amacilongo asasele, njengoba izingelosi ezintathu zizakuwabetha!”


Ngokuba uligcinile izwi lami, wabekezela, nami ngizakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika emhlabeni wonke, ukulinga bonke abahlala kuwo.


Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo, nebhu libadle njengoboya bezimvu, kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade, nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”


Phakamiselani amehlo enu ezulwini, nibheke emhlabeni phansi, ngokuba izulu liyakunyamalala njengentuthu, umhlaba uguge njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe njengomiyane, kodwa insindiso yami iyakuma kuze kube phakade, nokulunga kwami akuyukuphela.


ubone ukuthi kukhona yini okubi ngaphakathi kwami, ungiholele endleleni yaphakade.


Manje, kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nangentshumayelo kaJesu Khristu, ngokwambulwa kwemfihlakalo eyayifihliwe kusukela ngezikhathi zaphakade.


Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade, ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.


Sengathi iNkosi yethu uJesu Khristu uqobo, noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle,


yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabhriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.


Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe. Sanikwa futhi igunya phezu kwemindeni yonke, abantu, izilimi, nezizwe.


Kepha uNkulunkulu wokuthula, owakhuphula kwabafileyo umelusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano saphakade, iNkosi yethu uJesu,


uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe, nigxilile, futhi ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Phawula.


Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kumemezeleni phezu kwezindlu.


Zase zithi kimi: “Kufanele ukuba uphrofethe futhi ngabantu abaningi, izizwe, izilimi, namakhosi.”


UNebukhadinezari inkosi, kubo bonke abantu, izizwe, nezilimi ezakhe emhlabeni wonke: ukuthula makwande kini.


Izidalwa eziphilayo zazigijima ziye phambili nasemuva njengombani.


Kepha u-Israyeli usindisiwe nguSimakade, ngokusindiswa okuphakade; aniyukujabha, aniyukuba namahloni kuze kube phakade.


Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso.


“Indlu yami ayinjalo yini kuNkulunkulu na? Ngokuba wenze nami isivumelwano saphakade; zonke izinto wazihlela, wazivikela. Yonke insindiso yami nokwenama kwami, uyakukuhlumisa.


Utshani buyabuna, imbali ivuthuluke, kodwa izwi likaNkulunkulu wethu limi kuze kube phakade.


UNkulunkulu wathi: “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, ozokwehlukanisa amanzi kwamanye.”


Ngaphezu kwakhe kwakumi amaserafi; yilelo nalelo linamaphiko ayisithupha; ngamabili awo lamboza ubuso balo, ngamabili lamboza izinyawo zalo, nangamabili landiza.


Lelo yizwi levangeli elashunyayelwa kini.


Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.


Kepha kuyakuthi ngezinsuku lapho ingelosi yesikhombisa isizakubetha icilongo layo, kulapho-ke imfihlakalo kaNkulunkulu iyakube isifeziwe, njengalokhu amemezela ezincekwini zakhe, abaphrofethi, ngezindaba ezijabulisayo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite