Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 13:3 - IsiZulu 2020

3 Elinye lamakhanda aso lalingathi lishayelwe ukufa, kodwa nokho inxeba lalo lase lipholile, umhlaba wonke wamangala, wase usilandela isilo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Elinye lamakhanda aso kungathi lalidebezwe okokufa, kepha ingozi yaso yokufa yelashwa, umhlaba wonke walandela isilo, umangala;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ngase ngibona elinye lamakhanda aso kungathi lilimele lokufa; nenxeba laso elibulalayo lelashwa; umhlaba wonke wamangala ulandela isilo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngase ngibona elinye lamakhanda aso kungathi lilimele lokufa; nenxeba laso elibulalayo lelashwa; umhlaba wonke wamangala ulandela isilo.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 13:3
15 Referans Kwoze  

Isilo owasibonayo sasikhona, kodwa asisekho; sizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni. Laba abakhileyo emhlabeni, abamagama abo engalotshwanga encwadini yokuphila, kusukela kwasekelwa umhlaba, lapho bebona ukuthi isilo kanti sasikhona, kepha asisekho, sisazobuye sibe khona, bayakumangala.


Siyabakhohlisa labo abakhileyo emhlabeni ngenxa yezibonakaliso esanikwa zona ukuba sizenze phambi kwesilo. Sitshela abakhileyo emhlabeni ukuba benze umfanekiso wesilo esasinenxeba lenkemba, kodwa esasinda.


Ngokuba uNkulunkulu ufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zifeze okuyisinqumo sakhe, zikwenze zimqondo munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu.


Ayisihlanu kuwo asewile, enye isekhona, enye ayikafiki, nalapho isifikile kufanele ihlale isikhashana.


Ngiyakuziqinisa izingalo zenkosi yaseBhabhele, ngibeke inkemba yami esandleni sayo, kepha ngiyakuzephula izingalo zikaFaro, abubule phambi kwayo njengokububula komuntu olinyaziweyo.


Lawa amqondo munye, futhi anika isilo amandla negunya lawo.


Sasebenzisa lonke igunya lesilo sokuqala; saphoqelela umhlaba nabo bonke abakhileyo kuwo ukuba bakhonze isilo sokuqala, okwapholiswa inxeba laso.


USimoni naye wakholwa; esebhabhadisiwe wamlandela uFiliphu, emangaliswa izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyayenzeka.


Kwathi ngalezo zinsuku, uKhesari Awugustu wakhipha isimemezelo sokuba kubalwe abantu ezweni lonke.


Ngase ngibona owesifazane edakwe yigazi labangcwele negazi lofakazi bakaJesu. Ngamangala ngokumangala okukhulu.


Ngakho-ke abaFarisi bakhuluma bodwa, bathi: “Niyabona, akukho lutho esingalwenza; izwe lonke liyamlandela.”


Isilo esasikhona, kodwa esingasekho, sona singesesishiyagalombili, sikuwo ayisikhombisa, futhi siya ekubhujisweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite