Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 12:4 - IsiZulu 2020

4 Umsila wakhe wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni. Udrago wayemi ngaphambi kowesifazane owayezobeletha, ukuze kuthi uma esebelethile, amshwabadele umntwana wakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 umsila wakhe wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni. Nodrako wema phambi kowesifazane obezakubeletha, ukuze kuthi nxa esebelethile, ashwabadele umntwana wakhe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Umsila wawo wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Umsila wawo wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni;

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 12:4
22 Referans Kwoze  

Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.


Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.


Ngokuba amandla amahhashi ayesemilonyeni nasemisileni yawo, lokhu imisila yawo yayinjengezinyoka, inamakhanda elimaza ngawo.


Sasinemisila efana nofezela, inezindonsi; nasemisileni yaso kukhona amandla aso okulimaza abantu izinyanga ezinhlanu.


Eyokuqala yalibetha icilongo; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshwe negazi, kwaphonswa emhlabeni. Kwathi okwesithathu komhlaba kwasha kwangqongqa, okwesithathu kwezihlahla nakho kwasha kwaphela, nabo bonke utshani obuluhlaza, basha baba ngumlotha.


Zithibeni, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo, sifuna esingamdwengula.


“Lapho nibelethisa abesifazane bamaHebheru sebesesigqikini sokubeletha, nibona ukuthi ngumfana, niyakumbulala, kodwa uma kuyintombazane niyiyeke iphile.”


Owesifazane ombonileyo ungumuzi omkhulu, onombuso obusa phezu kwamakhosi omhlaba.”


Ngalolo lusuku uSimakade uyojezisa uLeviyathani ngenkemba yakhe enonya, elukhuni nemandla. ULeviyathani yinkanyamba esheshayo, futhi ethandelayo, uyobulala nenkanyamba yasolwandle ehlala khona.


Ingelosi yesibili yabetha icilongo; kwaba sengathi intaba enkulu ivutha umlilo, yaphonswa olwandle. Okwesithathu kolwandle kwaphenduka igazi,


kwafa okwesithathu kokudaliweyo okuphilayo okwakusolwandle, nokwesithathu kwemikhumbi kwabhujiswa.


Ingelosi yesithathu yabetha icilongo; kwase kuwa ezulwini inkanyezi enkulu ivutha njengesibani, yawela phezu kokwesithathu kwemifula naphezu kwemithombo yamanzi.


Igama lenkanyezi kuthiwa uMhlonyane. Okwesithathu kwamanzi kwaba ngumhlonyane, kwafa abantu abaningi ngenxa yamanzi, ngokuba ayenziwe ababa.


Ingelosi yesine yayisibetha icilongo; kwashaya ingxenye yokwesithathu kwelanga, okwesithathu kwenyanga, okwesithathu kwezinkanyezi, ukuze okwesithathu kokukhanya kwakho kube mnyama nokwesithathu kwemini kungakhanyi, kanjalo nobusuku.


Kwase kuba khona ukulwa ezulwini; uMikhayeli nezingelosi zakhe balwa nodrago. Udrago walwa ekanye nezingelosi zakhe,


Isilo engasibonayo sasifana nengwe, izinyawo zaso zinjengezebhere, umlomo waso ufana nomlomo webhubesi. Udrago wasinika amandla akhe, isihlalo sakhe sobukhosi, negunya lakhe elikhulu lokubusa.


Bakhuleka kudrago, ngokuba wanika isilo amandla, bakhuleka nakuso isilo, bethi: “Ngubani ofana nesilo, ngubani futhi ongalwa naso na?”


Ngabona kuphuma emlonyeni kadrago nasemlonyeni wesilo nasemlonyeni womphrofethi wamanga, omoya abathathu abangcolileyo abafana nezingxangxa;


Yambamba udrago, inyoka endala, uMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite