Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 12:3 - IsiZulu 2020

3 Kwabonakala futhi esinye isibonakaliso ezulwini; nango udrago omkhulu, obomvu, onamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi. Emakhanda akhe wayenemiqhele eyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kwabonakala esinye isibonakaliso ezulwini; bheka, nango udrako* omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe enemiqhele eyisikhombisa;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Kwabonakala esinye isimangaliso ezulwini; bheka, udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe imiqhele eyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kwabonakala esinye isimangaliso ezulwini; bheka, udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe imiqhele eyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 12:3
27 Referans Kwoze  

“Izimpondo ezilishumi owazibonayo zingamakhosi alishumi angakawemukeli umbuso, kodwa asewamukelisiwe amandla obukhosi isikhathi esiyihora elilodwa kanye nesilo.


Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.


Izimpondo ezilishumi ozibonileyo nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe zisibhubhise, zisihlubule sibe ze, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo.


Ingelosi yayisithi kimi: “Yini umangele na? Ngizakukutshela imfihlakalo yowesifazane nesilo esimthweleyo, esinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi.


Izimpondo ezilishumi-ke, zingamakhosi alishumi ayakuvela kulowo mbuso, enye iyakuvela emva kwawo; iyakwehluka kwawokuqala, iyakuwathobisa amakhosi amathathu.


Ngafuna ukwazi kabanzi nangezimpondo ezilishumi ezazisekhanda laso, nolunye olwavelayo, ezawa phambi kwalo ezintathu, lolo phondo olwalunamehlo nomlomo owawukhuluma ngokuzigqaja, olwalubukeka lulukhulu kunezinye.


Yambamba udrago, inyoka endala, uMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane,


Umsila wakhe wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni. Udrago wayemi ngaphambi kowesifazane owayezobeletha, ukuze kuthi uma esebelethile, amshwabadele umntwana wakhe.


Kwabonakala isibonakaliso esikhulu ezulwini: owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, ekhanda lakhe ethwele umqhele wezinkanyezi ezili-12.


Ngabona kuphuma emlonyeni kadrago nasemlonyeni wesilo nasemlonyeni womphrofethi wamanga, omoya abathathu abangcolileyo abafana nezingxangxa;


Vuka, vuka, wembathe amandla, wena ngalo kaSimakade, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zasemandulo. Akuwena yini owamnquma kabili uRahabi, wagwaza udrago, na?


Ngalolo lusuku uSimakade uyojezisa uLeviyathani ngenkemba yakhe enonya, elukhuni nemandla. ULeviyathani yinkanyamba esheshayo, futhi ethandelayo, uyobulala nenkanyamba yasolwandle ehlala khona.


Amehlo akhe anjengamalangabi omlilo, ekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi, enegama elilotshiwe elingaziwa muntu, ngaphandle kwakhe uqobo.


Udrago wamthukuthelela owesifazane, wahamba wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.


Impunga nophakemeyo bayikhanda, umphrofethi ofundisa ngamanga ungumsila.


Njengalokho izinzwani zezinyawo zaziyinsimbi; ingxenye nengxenye ibumba, umbuso uyakuba namandla nganxanye, ngakwenye ingxenye ube buthakathaka.


Kwase kuba khona ukulwa ezulwini; uMikhayeli nezingelosi zakhe balwa nodrago. Udrago walwa ekanye nezingelosi zakhe,


Kuthe udrago esebona ukuthi uphonswe phansi emhlabeni, wazingela owesifazane owayezale umntwana wesilisa.


Ngase ngibona kukhuphuka isilo olwandle, sinezimpondo ezilishumi namakhanda ayisikhombisa, ezimpondweni zaso kukhona imiqhele elishumi, emakhanda aso kunamagama ahlambalazayo.


Isilo engasibonayo sasifana nengwe, izinyawo zaso zinjengezebhere, umlomo waso ufana nomlomo webhubesi. Udrago wasinika amandla akhe, isihlalo sakhe sobukhosi, negunya lakhe elikhulu lokubusa.


Bakhuleka kudrago, ngokuba wanika isilo amandla, bakhuleka nakuso isilo, bethi: “Ngubani ofana nesilo, ngubani futhi ongalwa naso na?”


Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini, esikhulu nesimangalisayo: izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupheko eziyisikhombisa zokugcina, ngokuba ngazo kwase kupheleliswa ulaka lukaNkulunkulu.


Njengalokho wabona izinyawo nezinzwani; ingxenye iyibumba lombumbi, ingxenye iyinsimbi, uyakuba ngumbuso owehlukeneyo, kepha kuyakuba kuwo amandla ensimbi, njengokuba wabona insimbi ixubene nebumba lodaka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite