Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 12:15 - IsiZulu 2020

15 Inyoka yamkhwifa imlandela owesifazane, kwaphuma emlonyeni wayo amanzi kungathi ngumfula ukuze immukise nalowo mfula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Nenyoka yakhwifa, kwaphuma emlonyeni wayo emva kowesifazane amanzi kungathi umfula ukuba immukise nomfula.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Inyoka yakhipha emlonyeni wayo amanzi anjengomfula emva kowesifazane, ukuze immukise nomfula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Inyoka yakhipha emlonyeni wayo amanzi anjengomfula emva kowesifazane, ukuze immukise nomfula.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 12:15
12 Referans Kwoze  

Labo abasentshonalanga bayakulesaba igama likaSimakade, abasempumalanga besabe inkazimulo yakhe, ngokuba uyakufika njengomfula ongenisayo, oqhutshwa ngumoya kaSimakade.


ngalokho-ke iNkosi izobakhuphulela amanzi omfula onamandla amaningi, inkosi yase-Asiriya nabo bonke ubukhosi bayo. Uyakukhuphuka wemboze lonke usebe, weqe zonke izindonga zawo,


Izintambo zokufa zangizungeza, izikhukhula zembubhiso zangikhungatha.


INkosi inalowo oqinileyo nonamandla, ngesandla sakhe uyogumbuqela umhlaba njengesivunguvungu esinesichotho, nesiphepho esichithayo, namanzi anamandla akhukhulayo.


othulisa ukuduma kwezilwandle, inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu.


Yayisithi kimi: “Amazwi owabonileyo lapho bekuhleli khona isifebe, ngabantu, izixuku, izizwe nezilimi.


Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle ayezenzile uSimakade uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ushilo yini uNkulunkulu ukuthi: ‘Ningalokothi nidle nakowodwa umuthi osensimini na?’ ”


Kepha nginovalo ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zedukiswe, ziyeke ubuqotho nobumhlophe kuKhristu.


Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.


Umhlaba wamsiza owesifazane, wavula umlomo wawo, wawugwinya umfula owawukhwifwa wudrago ngomlomo wakhe.


Yambamba udrago, inyoka endala, uMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite