Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 11:7 - IsiZulu 2020

7 Kuyakuthi lapho sebeqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha silwe nabo, sibanqobe, sibabulale.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kuyakuthi sebebuqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha siyakulwa nabo, sibanqobe, sibabulale.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Kuyakuthi sebebuqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha siyakulwa nabo, sibanqobe, sibabulale.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kuyakuthi sebebuqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha siyakulwa nabo, sibanqobe, sibabulale.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 11:7
20 Referans Kwoze  

Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe. Sanikwa futhi igunya phezu kwemindeni yonke, abantu, izilimi, nezizwe.


Iyakukhuluma amazwi amelene noPhezukonke, ibakhathaze abangcwele bakhe; icabange ukuguqula izikhathi ezimisiweyo nomthetho. Bayakunikelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi, nezikhathi, nengxenye yesikhathi.


Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngiwufezile umsebenzi onginike wona ukuba ngiwenze.


UJesu wathi kubo: “Hambani nitshele leyo mpungushe nithi: ‘Ngikhipha amadimoni, ngiphilise abagulayo, namuhla nakusasa, kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.’


Ngase ngibona esinye isilo siphuma emhlabeni, sinezimpondo ezimbili ezifana nezewundlu, futhi sikhulumisa okukadrago.


Ngiyakubanika igunya ofakazi bami ababili ukuba baphrofethe izinsuku eziyi-1 260, bembathiswe indwangu eyisaka.”


Kepha ukuphila kwami ngikushaya indiva ukuze kungabi yigugu kimi; okubalulekile ukuba ngiluphothule uhambo lwami nomsebenzi engawunikwa yiNkosi uJesu ukuba ngifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiliqedile ibanga, ngikugcinile ukukholwa;


Kwathi ukuba uJesu awemukele uviniga, wayesethi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa.


Kepha amadimoni amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha.


Udrago wamthukuthelela owesifazane, wahamba wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite