Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 11:4 - IsiZulu 2020

4 Labo bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kweNkosi yomhlaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Labo bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kweNkosi yomhlaba.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Laba bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kukaNkulunkulu womhlaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Laba bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kukaNkulunkulu womhlaba.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 11:4
14 Referans Kwoze  

USimakade wabiza igama lakho ngokuthi umnqumo oluhlaza obukekayo, onezithelo ezinhle. Kepha ngomsindo wesiphepho esikhulu, uyakuphemba umlilo kuwo, kuphuke amagatsha awo.


Kepha mina ngifana nesihlahla somhlwathi esiluhlaza, endlini kaNkulunkulu. Ngethembele emseni kaNkulunkulu kuze kube phakade.


Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguSimakade Wamabandla, igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli onguMhlengi wakho, obizwa ngokuthi nguNkulunkulu womhlaba wonke.


Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zegolide zezibani eziyisikhombisa, yile: izinkanyezi eziyisikhombisa yizingelosi zamabandla ayisikhombisa, kuthi izinti zegolide zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.”


Kepha uma amanye amagatsha anqunywa, kwase kuthi wena oyigatsha lesihlahla somnqumo wasendle wafakwa phakathi kwawo ukuze uhlanganyele engcebeni yempande yomnqumo;


“Akukho muntu othi angokhela isibani asibeke ekusithekeni, phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini ukuze abangenayo babone ukukhanya.


Ngalolo lusuku ngiyakulehlukanisa iGosheni lapho kuhlala khona abantu bami, akuyukuba bikho zinkumbi zezibawu khona, ukuze wazi ukuthi Mina Simakade ngikuleli lizwe.


Sukuma ubhule, ndodakazi yaseZiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi, nezinselo zakho ngizenze zibe yithusi; uyakuqothisisa izizwe eziningi.” Uyakwethula inzuzo yazo nomcebo wazo kuSimakade, iNkosi yomhlaba wonke.


U-Eliya, umThishibhi owayengomunye wababegogobele kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, akuyukuba khona mazolo namvula kule minyaka, kuze kusho mina.”


Ngaleso sikhathi uSimakade wehlukanisa isizwana sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nokuba sime phambi kukaSimakade ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.


Ngakho-ke lindani, nikhuleke ngezikhathi zonke ukuze nikwazi ukuphunyuka kukho konke lokhu okuzakukwenzeka, nokuba nime phambi kweNdodana yomuntu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite