Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 11:2 - IsiZulu 2020

2 Kepha igceke elingaphandle kwethempeli uliyeke, ungalilinganisi, ngokuba linikwe izizwe, nomuzi ongcwele ziyakuwugxobagxoba izinyanga ezingama-42.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kepha igceke elingaphandle kwethempeli ulishiye ngaphandle, ungalilinganisi, ngokuba linikwe izizwe, nomuzi ongcwele ziyakuwunyathela phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Kepha igceke elingaphandle kwethempeli ulishiye ngaphandle, ungalilinganisi; ngokuba linikiwe abezizwe, nomuzi ongcwele bayakuwunyathela phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kepha igceke elingaphandle kwethempeli ulishiye ngaphandle, ungalilinganisi; ngokuba linikiwe abezizwe, nomuzi ongcwele bayakuwunyathela phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 11:2
32 Referans Kwoze  

Owesifazane wabalekela ehlane, lapho enendawo ayeyilungiselelwe nguNkulunkulu, ukuba anakekelwe izinsuku eziyi-1 260.


Abanye bayakubulawa ngenkemba, abanye bathunjwe, bayiswe ezizweni zonke. IJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kuphele isikhathi sabezizwe.”


Iyakukhuluma amazwi amelene noPhezukonke, ibakhathaze abangcwele bakhe; icabange ukuguqula izikhathi ezimisiweyo nomthetho. Bayakunikelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi, nezikhathi, nengxenye yesikhathi.


Ngiyakubanika igunya ofakazi bami ababili ukuba baphrofethe izinsuku eziyi-1 260, bembathiswe indwangu eyisaka.”


Ngezwa umuntu owayembethe ilineni, ephezu kwamanzi omfula; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sakhe sokhohlo ezulwini, wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi, nezikhathi, nengxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.


Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ovunuliselwe umyeni wakhe.


Vuka, vuka, wembathe amandla akho, Ziyoni, ugqoke izingubo zakho zakwanokusho, wena Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba akusayukungena kuwe ongasokile nongcolileyo.


Uma futhi ekhona osusa utho kuwo amazwi encwadi yalesi siphrofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe emthini wokuphila, emzini ongcwele, nakulokhu okulotshwe kule ncwadi.


baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi.


“Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti uduma, ubusawoti bovuswa ngani na? Awunamsebenzi walutho, kuphela ukuba ulahlwe ngaphandle, unyathelwe ngabantu.


USathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli,


Lwakhula kwaze kwaba nasebandleni lasezulwini, lwakuphonsa phansi okunye kwebandla, nokwezinkanyezi, lwakunyathela.


Wayilinganisa ezinhlangothini zozine. Yayinogange oluyizungeze gimbici, ubude balo babungamakhubhithi angama-500 kanjalo nobubanzi balo, ukuba kwehlukaniswe phakathi kokungcwele nokungengcwele.


Kwathi sekwedlule lezo zinsuku ezintathu nengxenye, umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo, bema ngezinyawo zabo, behlelwa ukwesaba okukhulu labo abababonayo.


Pho-ke nicabanga ukuthi singakanani isijeziso salowo obukele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?


“Ngase ngifuna ukwazi iqiniso ngesilo sesine esehlukileyo kuzo zonke ezinye, esesabeka kakhulu, esimazinyo aso ayinsimbi, nezinzipho zaso zilithusi, esasidla, siphoqoze, sigxobe okuseleyo ngezinyawo.


Isitha selulele isandla saso phezu kwakho konke okuthandekayo kwalo. Impela libabonile abezizwe bengena endaweni yalo engcwele; labo owayala ukuba bangangeni ebandleni lakho.


Ngokuba bazibiza ngomuzi ongcwele, bencika kuNkulunkulu ka-Israyeli, nguSimakade Wamabandla, igama lakhe.


Nkulunkulu, abezizwe bahlasele ifa lakho, bangcolisa ithempeli lakho elingcwele, iJerusalema baliphendula incithakalo.


Njengokwenani lezinsuku enahlola ngazo izwe, izinsuku ezingama-40, usuku luyokuba unyaka. Niyakuthwala ububi benu iminyaka engama-40, nize nazi ukuthi kuba njani lapho ngimelana nani.’


Ngakho-ke manginitshele engizokwenza esivinini sami: ngizosusa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngibhidlize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe.


“Kuyothi lapho usuziqedile lezi, uphinde ulale futhi ngohlangothi lwesokunene, ngokwesibili uyothwala isiphambeko sendlu yakwaJuda. Ngikunqumele izinsuku ezingama-40 kulokhu, yilolo nalolo suku lungunyaka.


Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma, nomunye ongcwele wathi kulowo owayekhuluma: “Uyakuba khona kuze kube nini lo mbono womnikelo oshiswa imihla yonke, nesiphambeko esibhubhisayo sokuba kukhashelwe indlu engcwele nempi, kunyathelwe phansi, na?”


Wathi kimi: “Kuyoze kube yizikhathi zokuhlwa nezokusa eziyizi-2 300, bese ihlanjululwa indlu engcwele.”


Yahamba nami ngikuMoya, yaya nami entabeni enkulu nephakeme, yangikhombisa umuzi ongcwele, iJerusalema, wehla ezulwini kuNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite