Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 11:12 - IsiZulu 2020

12 Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: “Yenyukelani lapha.” Base benyukela ezulwini ngefu; izitha zabo zibabuka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: “Yenyukelani lapha.” Base benyukela ezulwini ngefu, nezitha zabo zababona.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: “Yenyukelani lapha.” Benyukela ezulwini ngefu; nezitha zabo zababona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: “Yenyukelani lapha.” Benyukela ezulwini ngefu; nezitha zabo zababona.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 11:12
21 Referans Kwoze  

Emveni kwalokho, ngase ngibona umnyango uvulekile ezulwini, nezwi engangilizwe kuqala linjengelecilongo lakhuluma nami, lathi: “Yenyukela lapha, ngizakukutshengisa okumele ukuba kwenzeke emva kwalokhu.”


Kwathi esekushilo lokho, wakhushulwa bebuka, ifu lamsusa emehlweni abo.


Kwathi besalokhu behamba bexoxa, bheka, kwaqhamuka inqola yomlilo namahhashi omlilo, abehlukanisa, u-Eliya wenyukela ezulwini ngesivunguvungu.


Lapho-ke, thina esisaphila, sisele, siyakuhlwithwa kanye nabo emafini, sihlangane neNkosi emoyeni. Siyakuhlala nayo njalo iNkosi.


Wabeletha umntwana wesilisa ozokwelusa izizwe zonke ngentonga yensimbi. Umntwana wahlwithwa kuye wayiswa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi.


“ ‘Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengoba nami nganqoba, ngase ngihlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


Kuthe sesisendaweni yabafileyo sisezinhlungwini, saphakamisa amehlo aso, sabona u-Abhrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe.


“Ngobani laba abandiza njengefu, nanjengamajuba eya ezidlekeni zawo na?


kepha abamethembayo uSimakade bayakuthola amandla amasha, bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.


Amadodana abaphrofethi ayeseJerikho asondela ku-Elisha, athi kuye: “Uyazi yini ukuthi namuhla uSimakade uzoyithatha inkosi yakho na?” Wathi: “Yebo, ngiyazi; thulani.”


Kwathi lapho uSimakade esezomthatha u-Eliya amenyusele ezulwini ngesishingishane, u-Eliya no-Elisha basuka eGiligali.


Niyakubuye futhi nehlukanise kahle phakathi kolungileyo nongalungile, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”


Wena wathi enhliziyweni yakho: ‘Ngiyokhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu; ngiyohlala entabeni yomhlangano ngasemaphethelweni aseZafoni.


Isikhohlakali siyokubona lokho, sicasuke, siququde imihlathi, sidangale; isifiso sababi siyobhuntsha.


Ngibonise isibonakaliso somusa wakho, ukuze abangizondayo bakubone lokho, bajabhe, ngokuba Wena Simakade, uyangisiza, uyangiduduza.


Ngubani nje oyokhuphukela entabeni kaSimakade na? Ngubani oyokuma endaweni yakhe engcwele na?


Simakade, ngubani oyakuhlala ethendeni lakho na? Ngubani oyakukwakha entabeni yakho engcwele na?


Abantu abangama-50, amadodana abaphrofethi bahamba bema buqamama maqondana nabo, bona bobabili bama ngaseJordani.


Izinqola zabo zempi zabhajwa, amasondo ahamba kanzima, ngakho-ke abaseGibhithe bathi: “Masibalekeni phambi kwabakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade uyabalwela, umelene nabaseGibhithe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite