Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsAmbulo 1:2 - IsiZulu 2020

2 owafakaza ngezwi likaNkulunkulu nangobufakazi bukaJesu Khristu, ngakho konke akubona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 owafakaza ngezwi likaNkulunkulu nangobufakazi bukaJesu Kristu, konke akubonayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 owafakaza ngezwi likaNkulunkulu, nobufakazi bukaJesu Kristu, nangazo zonke izinto azibonayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Owafakaza ngezwi likaNkulunkulu, nobufakazi bukaJesu Kristu, nangazo zonke izinto azibonayo.

Gade chapit la Kopi




IsAmbulo 1:2
22 Referans Kwoze  

njengalokhu ubufakazi ngoKhristu buqinisiwe kini,


Udrago wamthukuthelela owesifazane, wahamba wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.


Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esakuzwa, sakubona ngamehlo ethu, sakubheka, sakuphatha ngezandla zethu, okwezwi lokuphila.


Nguye lo mfundi ofakaza ngalezi zinto, futhi nobhale ngalokhu. Siyazi ukuthi ubufakazi bakhe buyiqiniso.


Lowo obonileyo ufakazile futhi ubufakazi bakhe buqinisile, futhi lowo uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, ukuze nani nikholwe.


“Ngakho-ke loba lokhu okubonileyo, nokukhona, nokuzakwenzeka emuva kwalokho.


Mina Johane, umzalwane wenu nomhlanganyeli kanye nani ezinhluphekweni, nasembusweni nasekubekezeleni kuJesu, ngangisesiqhingini okuthiwa iPhatmose, ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu.


Sukuma ume ngezinyawo zakho, ngokuba ngibonakele kuwe ukuze ngikubeke ube yisikhonzi nofakazi walokhu, wokuthi ungibonile nowalokho engizakuzibonakalisa kuwe ngakho.


Ngakho-ke isixuku esasinaye ngesikhathi ebiza uLazaru ukuba aphume ethuneni, emvusa kwabafileyo, safakaza.


Kuthe nalapho selivula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-althare imiphefumulo yababebulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababenabo.


Thina sibonile, futhi siyafakaza ukuthi uYise wayithuma iNdodana ukuba ibe nguMsindisi wezwe.


Nami bazalwane, ekufikeni kwami lapho kini, angifikanga ngobugagu bokukhuluma noma bokuhlakanipha, kodwa ngimemezele kini imfihlakalo kaNkulunkulu.


ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.”


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo, kodwa anibemukeli ubufakazi bethu.


UJohane wafakaza wathi: “Ngibonile uMoya ehla njengejuba evela ezulwini; wahlala phezu kwakhe.


Bamnqobile ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, ngokuba abathandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


UDemethriyu ufakazelwa yibo bonke abantu, ngisho neqiniso uqobo. Nathi-ke siyafakaza ngaye, uyazi-ke nawe ukuthi ubufakazi bethu buliqiniso.


Ngokuba uzakuba ngufakazi wakhe kubantu bonke ngalokho okubonileyo nokuzwileyo.


lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumelele emabandleni ayisikhombisa: e-Efesu, eSimirna, ePhergamu, eThiyathira, eSardesi, eFiladelfiya naseLawodikheya.”


Ngase ngibona izihlalo zobukhosi, bahlala kuzo, banikwa amandla okwahlulela. Ngabona imiphefumulo yalabo ababenqunywe amakhanda ngenxa yobufakazi ngoJesu, nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nasemfanekisweni waso, nabangalwemukelanga uphawu lwaso emabunzini abo nasezandleni zabo. Baphila babusa noKhristu iminyaka eyinkulungwane.


Umusa weNkosi yethu uJesu Khristu mawube nani nonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite