Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 9:7 - IsiZulu 2020

7 Sezifikile izinsuku zokujeziswa, izinsuku zokuphindisela, u-Israyeli makakwazi lokho. Umphrofethi uyisiwula, umuntu onomoya uyahlanya ngenxa yeziphambeko zakho eziningi nangobutha obukhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa, izinsuku zempindiselo zisondele; u-Israyeli uyakukwazi. Umprofethi uyakuba njengesiwula, umuntu onomoya ahlanye ngenxa yobuningi bobubi bakho nangobutha obukhulu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Izinsuku zokuhanjelwa sezifikile, izinsuku zokuphindisela sezifikile; U-Israyeli uyakukwazi lokhu: Umprofethi uyisiwula, nomuntu ongokomoya uyahlanya, ngenxa yobuningi bobubi bakho nenzondo enkulu.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 9:7
40 Referans Kwoze  

Omuhle kubo unjengehlokozi elinameva; oqotho kubo mubi kunothango lwameva. Usuku lwabalindi bakho nolokujeziswa kwakho sekufikile; sekuyakuba ngukudideka kwabo.


UJehu waphumela phandle ezincekwini zenkosi yakhe. Enye yazo, yathi kuye: “Ngabe konke kusalungile yini na? Beluzofunani lolu hlanya na?” Wathi kuzo: “Niyamazi nina lowo muntu nakushilo.”


Abakubo, sebekuzwile lokho, baphuma ukuyomthatha, ngokuba bathi usangene.


Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Maye, kubaphrofethi abayiziwula, abalandela umoya wabo, nalokho abangakubonanga!


Abaphrofethi bakho bakutshele imibono engamanga newubuwula, abakuvezanga obala ukuphambuka kwakho ukuze uphenduke, ungayi ekuthunjweni. Bakutshele imibono engamanga neyinkohliso.


Ziyize, umsebenzi wokuhlekwa, ngesikhathi abayojeziswa ngaso, ziyakushabalala.


Niyokwenzenjani ngosuku lokwehlulela, lapho nehlelwa yinhlekelele evela kude na? Niyobalekela kubani ukuba anisize na? Niyowushiya kuphi umcebo wenu na?


Ngokuba noma singathi siyahlanya, kungenxa kaNkulunkulu; noma sisangulukile, kungenxa yenu.


Ngokuba lezi kuyakube kuyizinsuku zempindiselo ukuze kugcwaliseke konke okulotshiweyo.


Ukuba bekukhona ohamba ekhuluma udwadwa namanga, aqambe amanga athi: ‘Ngiyakuniphrofethela ngewayini nangophuzo olunamandla, ubeyakuba ngumphrofethi walaba bantu.’ ”


“ ‘ “Ngokuba, impela, babadukisile abantu bami, bathi: Ngukuthula, kube kungekho ukuthula, nangenxa yokuthi lapho kwakhiwa ugange, bona balugudule ngomcako.


‘USimakade ukubeke umphristi esikhundleni sikaJehoyada, umphristi, ukuba nibe ngabaqaphi babo bonke abantu abahlanyayo nabaphrofethayo endlini kaSimakade, ukuze ubafake ejele nasemaketangweni.


Umuzi omkhulu wanqamuka kathathu, nemizi yabezizwe yawa. IBhabhiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.


Abaphrofethi bawo bayizichwensi nabakhohlisi. Abaphristi bawo bayingcolisile indawo engcwele, bawephula umthetho.


Yathi kimi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Iqona elinezithelo zasehlobo.” USimakade wayesethi kimi: “Isikhathi sokuthalalisa kubantu bami u-Israyeli sesiphelile; angisayukubaxolela.


Umphrofethi ungumlindi ka-Efrayimi kanye noNkulunkulu wami, kodwa umphrofethi ubekelwe ugibe lwezinyoni kuzo zonke izindlela zakhe, nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.


Ngiyakububonakalisa kanjalo-ke ubukhulu bami nobungcwele bami, futhi ngizazise phambi kwezizwe eziningi, ziyakukwazi ukuthi nginguSimakade.” ’ ”


Ngiyakuziphindiselela ngokwedlulele kubo, ngezijeziso zolaka lwami; bayakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengiziphindiselele kubo.’ ”


Ngisho namabutho alo aqashiwe, aphakathi kulo, anjengamathole akhuluphalisiweyo; nawo aphenduka abaleka kanyekanye, awazange eme ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selufikile; isikhathi sokujeziswa kwabo.


Ngizoqala ngokubashaya ngokuphindiwe ngenxa yobubi babo nezono zabo, ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto ezinengekayo, ifa lami baligcwalisile ngezinengiso zabo.”


akuyukuba bikho nsali kubo, ngokuba ngiyakubehlisela inhlekelele abantu base-Anathothi, ngonyaka wokujeziswa kwabo.’ ”


Belaphile kalula ukulimala kwendodakazi yabantu bami, bethi: “Ngukuthula, ngukuthula;” kube kungekho ukuthula.


Belaphile ukuphoqoka kwabantu bami ngokuyekethisa, bethi: ‘Ukuthula, ukuthula,’ kepha kungekho ukuthula.


oshafisa izibonakaliso zabaphrofethi bamanga, enze ababhuli ukuba bahlanye; obuyisela emuva abahlakaniphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;


Ngokuba uSimakade unosuku lwempindiselo, unonyaka wempindiselo ngenxa yeZiyoni.


Simakade, isandla sakho siphakeme, kodwa abasiboni. Mababone intshisekelo yakho ngabantu bakho, babe namahloni; bazoqothulwa ngumlilo owubekele izitha zakho.


“Ngibone into eyihlazo kubaphrofethi baseSamariya: baphrofetha ngoBhali, badukisa abantu bami, u-Israyeli.


Ngokuba bayakugqilazwa nabo yizizwe eziningi nangamakhosi amakhulu, ngiyakuphindisela kubo ngokwezenzo zabo nangokwemisebenzi yezandla zabo.”


“Nami-ke, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukubanaso isisa kubo, kodwa ngiyakwehlisela lokho abakwenzileyo phezu kwamakhanda abo.”


Imihlatshelo eyethulwa kimi bayayihlaba, badle inyama yayo, kodwa uSimakade akayithokozeli. Manje uyasikhumbula isiphabheko sabo, abajezise ngezono zabo, babuyele eGibhithe.


Israyeli, buyela kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba ukhubekile ngenxa yobubi bakho.


U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa, ngikumemezele lokho okuqinisekileyo phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite