Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 9:6 - IsiZulu 2020

6 Bhekani-ke, noma bangaphunyuka ekubhujisweni, kodwa iGibhithe liyakubabutha, iNofi ibambele; ingcebo yabo yesiliva idliwe yimbabazane, kube nameva emathendeni abo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Bhekani, ngokuba bemukile ekuchithweni iGibithe liyakubabutha, iNofi libembele; izinto zabo zamagugu zesiliva ziyakudliwa yizimbabazane, kube ngameva ematendeni abo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba bhekani, sebehambile ngenxa yokubhujiswa; izindawo zobumnandi besiliva labo liyakudliwa yizimbabazane; ameva ayakuba sematendeni abo.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 9:6
32 Referans Kwoze  

Izindawo eziphakemeyo e-Aveni, eziyisono sakwa-Israyeli, ziyakubhidlizwa. Kuyakumila ameva namakhakhasi kumboze ama-althare abo; bayakuthi ezintabeni: “Simbozeni,” bathi emagqumeni: “Welani phezu kwethu.”


Ngizosenza sibe yincithakalo; asiyukuthenwa, asiyukulinywa, kodwa kuyakumila amakhakhasi nameva; ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”


Abayukuhlala ezweni likaSimakade, u-Efrayimi uyakubuyela eGibhithe, badle ukudla okungcolileyo e-Asiriya.


Imihlatshelo eyethulwa kimi bayayihlaba, badle inyama yayo, kodwa uSimakade akayithokozeli. Manje uyasikhumbula isiphabheko sabo, abajezise ngezono zabo, babuyele eGibhithe.


Babuya, kodwa hhayi koPhezukonke, babanjengomnsalo oxegayo; abaholi babo bayakufa ngenkemba ngenxa yokugxibha kolimi lwabo. Bayakuba yinhlekisa eGibhithe.”


Kuyothi ngalolo lusuku yonke indawo lapho bekumila khona imivini eyinkulungwane, ithengise inkulungwane yezinhlamvu zesiliva, kumile ameva namakhakhasi.


Bayakuza bethuthumela njengenyoni bevela eGibhithe, njengejuba bephuma e-Asiriya, ngiyakubahlalisa ezindlini zabo,” kusho uSimakade.


Maye kubo, ngokuba bangibalekele! Bazokwehlelwa yinhlekelele, ngokuba bangihlubukile. Bengiyakubahlenga Mina, kodwa bakhulume amanga ngami.


Kuyakumila ameva namakhakhasi ezindlini zamakhosi akhona, izinqaba zalo zibe yikhaya lezimpisi, nendawo yezintshe.


Ezweni labantu bami kuyakumila amakhakhasi nameva, yebo, kuzo zonke izindlu zokujabula emzini ojabulayo.


Kuyothi ngalolo lusuku uSimakade avuthulule emfuleni omkhulu, kuze kufike emfuleni eGibhithe, nina bantu bakwa-Israyeli niqoqwe ngamunye ngamunye.


Izikhulu zaseZowani seziphenduke iziwula, izikhulu zaseNofi ziluthekile. Labo abayizinsika zezizwe zalo balidukisile iGibhithe.


Kuyothi ngalolo lusuku, iNkosi ibuye yelule isandla sayo okwesibili ukubutha insali yabantu bayo e-Asiriya, eGibhithe, ePhathirosi, eKhushe, e-Elamu, eShineyari, eHamathi, naseziqhingini ezisolwandle.


bheka, kwakumile ukhula lwameva, kwembozwe gimbici yimbabazane, nomthangala okubiyeleyo udilikele phansi.


nezwe elivundileyo laba wugwadule lukasawoti ngenxa yobubi yababehleli kulo.


Akashiyanga muntu kuJehowahazi, kuphela impi eyayingevile kwabamahhashi abangama-50, izinqola zempi ezilishumi namabutho ahamba ngezinyawo ayizi-10 000, ngokuba inkosi yase-Aramu yayibaqothe bafana nothuli esibhulweni.


Kwathi lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basenkathazweni ngenxa yengcindezelo enkulu ababekuyo, abantu bacasha emigedeni, emahlozini, emaweni, ezinqabeni, nakuyo imithombokwakhiwa.


Abantu baseNofi nabaseThahiphanesi baluphucile ukhakhayi lwakho.


Ngakho-ke yazini ngokweqiniso ukuthi niyakufa ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, niyofela kuleyo ndawo enifisa ukuya kuyo ukuba niyogogobala khona.”


Izwi elafika kuJeremiya mayelana nabaJuda bonke ababehlala eGibhithe, eMigidoli, eThahiphanesi, eNofi, nasePhathirosi, lathi:


“Memezelani eGibhithe, nimemezele eMigidoli; yenzani isimemezelo eNofi naseThahiphanesi, nithi: ‘Sukumani, nime ngomumo, ngokuba inkemba izodla nxazonke zakho.’


Qoqa amasaka akho ulungele ukuthunjwa, wena ndodakazi yaseGibhithe, ngokuba iMemfisi iyakuba yincithakalo, iyakushiswa kungabe kusaba bikho ohlala kulo.


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘Ngiyakuzishabalalisa izithombe, ngibaqede nya onkulunkulu abayize eNofi; akusayukuba bikho nkosana evela eGibhithe; ngiyakulifaka ingebhe iGibhithe.


Ngiyakuthungela umlilo eGibhithe; iSini libinyabinyeke ezinhlungwini, iThebe ibhodlozwe, iMemfisi ihlaselwe emini.


Ngakho-ke bhekani, ngizoyivala indlela yakho, ngakhe ugange ngameva oluzomvimbela nendlela yakhe angayitholi.


“U-Efrayimi usenjengejuba elingenangqondo; babize iGibhithe, baya e-Asiriya.


Khihlani isililo nina enihlala eMothari, ngokuba bonke abantu abahwebayo bayakubhujiswa, bonke abahweba ngesiliva bayakuqothulwa.


Nina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe, ngithumele inkemba emva kwenu, izwe lakini liyakuba yincithakalo, nemizi yenu ibe ngamabibi.


Ngiyakuyishabalalisa insali yakwaJuda, eqoke ukuya eGibhithe ukuyogogobala khona, bonke bayofela eGibhithe, babulawe yinkemba nendlala; kanjalo abancane nabadala, bayobulawa yinkemba nendlala, babe yisithuko, into esabekayo, isiqalekiso nehlazo.


“Ngiyobajezisa bonke abahlala eGibhithe njengoba ngajezisa iJerusalema ngenkemba, ngendlala nangobhubhane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite