Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 9:16 - IsiZulu 2020

16 U-Efrayimi unqundiwe, impande yabo yomile, abayukuthela sithelo. Noma bangazala, kodwa ngiyakubulala okuyigugu kwesisu sabo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 U-Efrayimi ushayiwe, impande yabo yomile, abayikuthela izithelo. Noma bezala, ngiyakubulala okuthandekayo kwesisu sabo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 U-Efrayimi ushayiwe, impande yabo yomile, abayikuthela; noma bezala, nokho ngiyakubulala isithelo esithandekayo sesisu sabo.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 9:16
10 Referans Kwoze  

‘Yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: uyabona-ke, sengizoyingcolisa indlu yami engcwele; ukuzigabisa ngamandla enu, ukunxanela kwamehlo enu, nokuthanda kwempilo yenu. Amadodana namadodakazi enu eniwashiyile, ayakudliwa yinkemba.


Njengamalangabi ekhotha amabibi, nezikhotha ezomileyo zizika kuwo, impande yabo iyofana nokubola, nembali yabo ibe njengothuli; iyakuthuquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaSimakade Wamabandla, baledelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.


“Phela bhekani nje, luyeza usuku, luvutha njengeziko. Bonke abazigqajayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi. Lolo lusuku oluzayo luyakubashisa, aluyukubashiyela mpande nagatsha,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; uhlanga alunantshakaza, alukhiqizi mpuphu; uma luyikhiqiza, iyakushwabadelwa ngabafokazi.


U-Efrayimi ucindezelwe, uchotshoziwe ngokwehlulelwa, ngokuba wazimisela ukulandela umyalo oyize.


Bathi besanda kutshalwa nje, beqeda nje ukuhlwanyelwa, nesiqu sabo singakagxiliswa izimpande emhlabathini, wabaphephetha, babuna, isivunguvungu sabasusa njengamabibi.


Kuyokoma izimpande zaso phansi, phezulu kubune amagatsha aso.


Ngabuye ngabona kuhluma ezinye izikhwebu eziyisikhombisa emva kwazo, zizacile, zishiswe ngumoya weshisandlu wasempumalanga.


Emigwaqweni inkemba iyodla lubi, emakamelweni kubhoke uvalo: ezinsizweni nasezintombini, koncelayo nasempungeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite