Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 9:15 - IsiZulu 2020

15 Bonke ububi babo buseGiligali, impela ngabazonda khona lapho; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angiyukubathanda futhi; zonke izikhulu zabo zingamahlubuka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Bonke ububi babo buseGiligali; ngalokho ngabazonda khona; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo zingabahlubuki.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Bonke ububi babo buseGiligali, ngokuba ngabazonda khona; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo ziyizihlubuki.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 9:15
38 Referans Kwoze  

Ngabe iGiliyadi selonakele? Impela abaselutho; bahlabe izinkunzi eGiligali, ngakho-ke ama-althare abo ayakuba njengenqwaba yamatshe emiseleni yamasimu.


“Nakuba wena Israyeli ufeba, uJuda makangabi nacala; ungayi eGiligali, ungakhuphukeli eBhethi Aveni, ungafungi ngokuphila kukaSimakade.


Izikhulu zakho zingabahlubuki nabangani bamasela; bonke bathanda ukufunjathiswa, balandela izipho nemivuzo. Abazivikeli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


Kodwa ningalifuni iBhethele, ningayi eGiligali, ningadluleli eBheri Sheba, ngokuba impela iGiligali liyakuthunjwa, iBhethele liphenduke ize.


Wayezungeza njalo minyaka yonke aye eBhetheli, eGiligali, naseMizpha; wamehlulela u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo.


Izikhulu zawo zingamabhubesi abhodlayo, abehluleli bakhona bangamankentshane asebusuku, abashiyi lutho okwangomuso.


Bantu bami, ake nikhumbule okwahlelwa nguBhalaki inkosi yakwaMowabi, nokuthi wamphendula wathini uBhalamu indodana kaBheyori, nokusuka eShithimi kuya eGiligali ukuba nazi ngokulunga kukaSimakade.”


“Ngokuba kuwo lo muzi, uHerode, uPhontiyu Pilatu, nabezizwe nabantu bakwa-Israyeli bahlangana bamelana neNceku yakho engcwele, uJesu owamgcobayo,


Ngabaxosha abelusi abathathu ngenyanga eyodwa, ngoba sengikhathele ukubabekezelela, sengidiniwe futhi yibona.


Izinhloko zalo zehlulela ngokugwazelwa, abaphristi balo bafundisa ngenxa yokukhokhelwa, nabaphrofethi babhula ngenxa yesiliva, bethembele kuSimakade, bethi: “Akekho yini phakathi kwethu uSimakade na?” Asiyukwehlelwa yinhlekele.


Ngiyakunenza nithunjelwe phesheya kweDamaseku,” kusho uSimakade ogama lakhe linguNkulunkulu Wamabandla.


“Wozani eBhethele, nizokona, naseGiligali, nizokwandisa iziphambeko, nilethe imihlatshelo yenu njalo ekuseni, nokweshumi kwenu ngezinsuku ezintathu.


UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, bayakuba yimihambima phakathi kwezizwe.


Abayukuhlala ezweni likaSimakade, u-Efrayimi uyakubuyela eGibhithe, badle ukudla okungcolileyo e-Asiriya.


Abacabangi emiqondweni yabo ukuthi ngibukhumbula bonke ububi babo. Manje sebehaqwe yizenzo zabo, eziphambi kobuso bami.


Kuyakuba kanje kubantu kanjalo nakumphristi: ngiyakubajezisa ngenxa yezindlela zabo, ngibajezise ngezenzo zabo.


Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bayakuhlala izinsuku eziningi bengenankosi, benganasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.


Wayesethi: “Iqambe igama uthi: ‘uLo Ami,’ ngokuba aniseyibo abantu bami, nami angisenguye uNkulunkulu wenu.”


UGomeri wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. USimakade wathi kuHoziya: “Iqambe igama uthi: ‘uLo Ruhama,’ ngokuba angisayukuphinde futhi ngiyizwele indlu yakwa-Israyeli ukuba impela ngibathethelele.


Wabambula ubufebe bakhe, nobunqunu bakhe. Ngazehlukanisa naye njengoba ngangimlaxazile nodadewabo.


Izikhulu zawo ezikuwo, zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuba zichithe igazi, zibaqede nya abantu, ukuze zithole inzuzo embi.


“Unalungelo lini othandiweyo wami endlini yami, lapho enza izinto eziningi ezimbi na? Inyama eyehlukaniselwe ingasiguqula yini isijeziso sakho, ujabule ngokwenza okubi na?”


Ngizakuya kwabakhulu, ngikhulume nabo, ngokuba bona bayayazi indlela kaSimakade nesimiso sikaNkulunkulu wabo,” nokho nabo balephulile ijoka ngokufanayo, bazigqabula izibopho.


Ubonile ukuthi ngakho konke ukungethembeki kwakhe u-Israyeli, ohlubukayo angenqenanga ukumnika incwadi yesehlukaniso, nokho udadewabo uJuda akesabanga, naye uhambile wayofeba.


Walilahla ithabanakeli eliseShilo, ithende ayelimise phakathi kwabantu bakhe.


UJoshuwa wabuyela enkanjini eGiligali, nabo bonke abakwa-Israyeli ababenaye.


Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, ngibhidlize ama-althare enu empepho, izidumbu zenu ngizilahle phezu kwezithombe zenu ezifihlikileyo; umphefumulo wami uyonengwa yini.


Sebezwile, bangena ethempelini entathakusa, bafundisa. Kepha kwafika umphristi omkhulu nayehamba nabo, babizela ndawonye umkhandlu namalunga wonke abantu bakwa-Israyeli, base bethumela ejele ukuba balethwe kubo.


Ifa lami selingiphendukele lanjengebhubesi ehlathini, liyangibhongela, ngalokho-ke ngiyalizonda.


USimakade uthwesa uJuda icala, uyakumjezisa uJakobe ngokwezindlela zakhe, akhokhise kuye ngokwezenzo zakhe.


USimakade wathi kimi: “Noma bekungama uMose noSamuweli phambi kwami, inhliziyo yami ibingeke ibe kulaba bantu. Basuse phambi kwami, mabaphume bahambe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite