Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 8:8 - IsiZulu 2020

8 U-Israyeli uyagwinywa, manje sebephakathi kwabezizwe njengesitsha okungekho ntokozo kuso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 U-Israyeli uyagwinywa; manje sebephakathi kwabezizwe njengesitsha okungekho intokozo kuso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 U-Israyeli uyadliwa; manje bayoba phakathi kwabeZizwe njengento engenanjabulo.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 8:8
19 Referans Kwoze  

Le ndoda, uKhoniya, iyibhodwe elidelelwayo, noma isitsha esingafunwa muntu. Kungani ukuba yena nozalo lwakhe belahliwe, balahlelwa ezweni abangalaziyo na?


UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele ungidlile wangiqeda; ungenze isitsha esingenalutho, wangigwinya njengodrago; ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami, wangiphalaza.


Uma uNkulunkulu ebethanda ukubonakalisa ulaka lwakhe nokuveza amandla akhe, ababekezelela labo ababemiselwe ulaka lwakhe, ukuba babhujiswe,


“Ngakho-ke phrofetha, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngokuba impela banenza naba yincithakalo, banilimaza nxazonke ukuba nibe yifa lezizwe eziseleyo,


Zonke izitha zakho ziyakuhleka, ziyakubhuqa; zikugedlela amazinyo, zithi: “Siligwinyile, impela yilona lolu suku obekukade silulindele, manje silutholile, silubonile.”


INkosi yaphenduka yanjengesitha, yambhubhisa u-Israyeli, yachitha zonke izigodlo zakhe, yabhidliza izinqaba zakhe, yandisa ukukhala nokulila endodakazini uJuda.


INkosi izibhubhise ngokungenaluzwelo, zonke izindawo okuhlala kuzo uJakobe. Ngentukuthelo yayo, izibhidlizile izigqaba zendodakazi uJuda, yaqumba phansi emhlabathini umbuso, nababusi yabathela ngehlazo.


“U-Israyeli ungumhlambi ohlakazekile; izingonyama zimxoshile. Eyokuqala emudlile, yinkosi yase-Asiriya, eyokugcina eqhoboze amathambo akhe, yinkosi yaseBhabhele.”


Kukhona isililo phezu kophahla lwakwaMowabi, nasemashashalazini akhona, ngokuba uMowabi ngizakumphohloza njengesitsha esingafunwa muntu,” kusho uSimakade.


Luzobhidlizwa njengokuphahlazeka kwesitsha sombumbi, esiphihlizwa singahawukelwa, kuze kungabe kusatholakala phakathi kwezingcezu ngisho nelokuthatha umlilo eziko, nelokucakula amanzi kuwo umthombokwakhiwa.”


Inkosi yase-Asiriya yathumba abakwa-Israyeli yabayisa e-Asiriya, yababeka eHala naseHabhori, ngasemfuleni iGozani nasemizini yamaMede,


“USimakade uyakukuhlakazela ezizweni zonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye, uyokhonza lapho abanye onkulunkulu bemithi namatshe ongabaziyo, wena nokhokho bakho.


“USimakade uyokwenza izitha zakho zikunqobe, uyakuzihlasela ngandlelanye; ubaleke ngezindlela eziyisikhombisa. Uyoba yinto eyesabisayo, kuyo yonke imibuso yomhlaba.


Nina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe, ngithumele inkemba emva kwenu, izwe lakini liyakuba yincithakalo, nemizi yenu ibe ngamabibi.


Hhewulani, nina belusi, nikhihle isililo, nizibhuqabhuqe emlotheni nina zikhulu zomhlambi, ngokuba sezifikile izinsuku zokuhlatshwa nokuhlakazwa kwenu, nizakuwa njengesitsha esihle.


Ifa lethu seliphendulwe laba ngelabafokazi, izindlu zethu zaba ngezabezizwe.


Amadodana aseZiyoni akhethekileyo ayefana negolide elicolekileyo, kodwa manje asefana nezitsha zebumba, ezingumsebenzi wezandla zombumbi!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite