Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 8:5 - IsiZulu 2020

5 Samariya, ngilahle ithole lakho; intukuthelo yami iyabavuthela; kuyoze kube nini bengakwazi ukuba msulwa na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ithole lakho, Samariya, linengekile; intukuthelo yami iyabavuthela; koze kube nini bengakwazi ukuba msulwa na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ithole lakho, Samariya, likwalile; intukuthelo yami iyabavuthela; kuzothatha isikhathi esingakanani ukuthi bathole ubumsulwa?

Gade chapit la Kopi




Hoseya 8:5
17 Referans Kwoze  

Izakhamuzi zaseSamariya ziyakwesaba ngenxa yethole laseBhethi Aveni, ngokuba abantu bakhona nabaphristi balo bayakulililela, phela udumo lwalo selushabalele kulo.


Ukuphinga kwakho, nomsindo wokushabashabeka kwakho ukhanukela ukufeba, nezinengiso zakho; ngikubonile emagqumeni asendle. Maye, kuwe Jerusalema! Awuhlambulukile. Kuyoze kube nini na?”


“Kuyoze kube nini ziwula ndini nithanda ubuwula, nani zedeleli, nithokoziswa ngukweyisa, nani ziwula nizonda ulwazi na?


“Benza ithole ngaleyo mihla, bethula umhlatshelo esithombeni, bathokoza emsebenzini wezandla zabo.


Ngokuba livela kwa-Israyeli, ingcweti ilenzile, kodwa alisiye uNkulunkulu; impela ithole laseSamariya liyakuba zicucu.


Jerusalema, hlanza ububi obusenhliziyweni yakho, ukuze usindiswe. Kuyoze kube nini imicabango yakho emibi ihleli ezibilini zakho na?


“Qoqanani ndawonye nize, sondelani nina abasindileyo bezizwe; abanalwazi abathwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.


Ngokuba umlilo uphenjwe yintukuthelo yami; uyabhebhetheka kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uyaqothula umhlaba nezithelo zawo, wokhela nezisekelo zezintaba.


Nqanda inceku yakho ezonweni ezihlazisayo; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngizohlala ngingenasisihla, ngibe msulwa eziphambekweni ezinkulu.


UMowabi uyakujabha ngoKhemoshi, njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBhetheli, ithemba layo.


Manje bayaqhubeka nokona, bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo, nezithombe ezibaziweyo ngobungcweti babo, konke lokhu kungumsebenzi wezingcweti, bakhuluma kubo, bathi: “Abenza umhlatshelo kumele bange amathole.”


Labo abafunga icala laseSamariya, bathi: ‘Ngokuphila konkulunkulu bakho, Dani,’ nokuthi: ‘Ngokuphila kwendlela eBheri Sheba,’ bayakuwa, bangaphinde bavuke.”


“Manje nicabanga ukuthi nizokwazi ukumelana nobukhosi bukaSimakade obusesandleni samadodana kaDavide, wena nalesi sixuku esikhulu kangaka, futhi kunamathole egolide enenzelwa wona nguJerobhowamu ukuba abe ngonkulunkulu benu.


Izindawo eziphakemeyo e-Aveni, eziyisono sakwa-Israyeli, ziyakubhidlizwa. Kuyakumila ameva namakhakhasi kumboze ama-althare abo; bayakuthi ezintabeni: “Simbozeni,” bathi emagqumeni: “Welani phezu kwethu.”


Zonke izithombe zalo ziyakuphihlizwa, konke elikukhokhelweyo kushiswe ngomlilo. Izithombe zalo ezibaziweyo ngiyakuzenza zonke zibe yincithakalo, ngokuba likuthole ngenkokhelo yobufebe, futhi kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite