Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 8:10 - IsiZulu 2020

10 Noma ngabe sebezithengise kwabezizwe, kepha manje sengiyakubaqoqa, sebeqala ukonda ngenxa yomthwalo wenkosi yezikhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Noma beqasha phakathi kwabezizwe, manje sengiyakubabutha, bakhululwe kancane emthwalweni wenkosi yezikhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Yebo, nakuba beqashile phakathi kwezizwe, manje ngizobabutha, futhi bayolila kancane ngenxa yomthwalo wenkosi yezikhulu.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 8:10
21 Referans Kwoze  

ngakho-ke bheka, ngiyakuziqoqa zonke izithandwa zakho ozithokozise ngazo, zonke ozithandileyo, nazo zonke ozizondileyo; ngiyakuziqoqela kuwe zivela kuzo zonke izindawo, ngizembulele ubunqunu bakho ukuba zibubone bonke.


Kuyakuthi uma sengithanda, ngibajezise. Izizwe ziyakubahlanganyela lapho zibabopha ngeziphambeko zabo eziphindwe kabili.


“ ‘ “Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, sengizomyisa eThire uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ukuba amelane nalo evela enyakatho, nguye oyinkosi yamakhosi; unamahhashi, izinqola zempi, abagibeli bamahhashi, nesixuku esikhulu samabutho.


Ngokuba azishaya isifuba, ethi: ‘Ngabe bonke abakhuzi bempi bami abasiwo amakhosi na?


“Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Sekuzokuba ngumzuzwana nje bese ngizamazamisa izulu nomhlaba, ulwandle nomhlabathi owomileyo.’


Wena nkosi uyinkosi yamakhosi onikwe umbuso, namandla, nodumo nguNkulunkulu wasezulwini.


Njengalokhu kuqoqwa isiliva, ithusi, insimbi, umthofu, nethini phakathi esithandweni somlilo, ukuba kuvuthelwe umlilo phezu kwakho ukuze kuncibikaliswe, kanjalo-ke nami ngiyakuniqoqa ngentukuthelo yami, nangolaka lwami, nginifake khona, nginincibilikise.


bathi kuJeremiya, umphrofethi: “Ake sethule ukunxusa kwethu kuwe; sikhulekele kuSimakade uNkulunkulu wakho, unxusele yonke le nsali, ngokuba sesisele siyingcosana kwabaningi, njengalokhu nawe uzibonela ngawakho amehlo.


Wayesema uRabi Shake, wamemeza ngezwi elikhulu, ngolimi lwabaJuda, wathi: “Zwanini amazwi enkosi enkulu, inkosi yase-Asiriya.


UNkulunkulu ka-Israyeli wavusa umoya kaPhuli, inkosi yase-Asiriya, nomoya kaThiligathi Philineseri, inkosi yase-Asiriya, babathumba abakwaRubeni, abakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase, babayisa eHala, eHabhori, eHara, nasemfuleni iGozani, kuze kube namuhla.


UShalimenazeri, inkosi yase-Asiriya, wenyuka ukuba amhlasele. UHosheya waba yisikhonzi sakhe, wathumela kuye intela.


USimakade wakubona ukuhlupheka kuka-Israyeli, kwamunyu kakhulu, abancane nabakhulu baphela amandla; kwakungekho ongamsiza u-Israyeli.


Zonke izifebe ziyakhokhelwa, kodwa wena nguwe okhokhela zonke izithandwa zakho, uzifumbathisile ukuba zize kuwe, zivela ezindaweni zonke, ngobufebe bakho.


“U-Ohola wafeba esengowami, wakhanukela izithandwa zakhe, abase-Asiriya, abangamabutho empi,


Inkosi yase-Asiriya yezwa ngozungu uHosheya ayeselwakhele yona, ngokuba wayethumele izithunywa kuSo, inkosi yaseGibhithe, futhi engayilethanga intela enkosini yase-Asiriya, ayeyithela minyaka yonke, ngakho-ke inkosi yase-Asiriya yambopha, yamvalela ejele.


Abehlela eGibhithe ngaphandle kweseluleko sami, ukuze baphephele ekuvikelweni nguFaro, bafune ukukhosela emthunzini eGibhithe.


USimakade uthwesa uJuda icala, uyakumjezisa uJakobe ngokwezindlela zakhe, akhokhise kuye ngokwezenzo zakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite