Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 7:9 - IsiZulu 2020

9 Abafokazi badle amandla akhe, kodwa yena akazi; izinwele zakhe seziyaqhakaza, kepha yena akazi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Abafokazi badlile amandla akhe, kepha yena akazi; izimvi zikhahlele kuye, kepha yena akazi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Abafokazi bawadlile amandla akhe, naye akakwazi; yebo, lapha nalaphaya kunezimpunga kuye, kodwa yena akazi.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 7:9
10 Referans Kwoze  

“Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; uhlanga alunantshakaza, alukhiqizi mpuphu; uma luyikhiqiza, iyakushwabadelwa ngabafokazi.


Izwe lakini liyincithakalo, imizi yakini ishiswe ngomlilo, umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu; liyincithakalo, libhujiswe ngabafokazi.


Uyakuthi: “Bagadlile, angalimala; bangishayile, ngangaqonda ukuthi kwenzekeni. Ekuvukeni kwami, ngisayobuye ngilifune.”


Kepha uHazayeli, inkosi yase-Aramu, yayimcindezele u-Israyeli zonke izinsuku zikaJehowahazi.


Olungileyo uyabhubha, akekho okubeka enhliziyweni lokho; abantu abanomusa bayasuswa, kungaqondi muntu. Olungileyo uyasuswa enhlekeleleni,


Kwase kufika uPhuli, inkosi yase-Asiriya, ukuzohlasela izwe. UMenahemu wamnika uPhuli amathalenta ayinkulungwane esiliva, ukuze amsize ukuqinisa umbuso esandleni sakhe.


Yebo, awukaze ukuzwe, awukaze ukwazi, kwasemandulo indlebe yakho ayivulwanga, ngokuba bengazi ukuthi ukhohlakele, nokuthi kwasesibelethweni wabizwa ngomhlubuki.


Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi, njengoba ulwenqabile ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumphristi wami. Ukhohliwe wumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakubakhohlwa abantwana bakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite