Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 7:7 - IsiZulu 2020

7 Bonke bashisa njengeziko, bashwabadela ababusi babo. Wonke amakhosi abo awile, akukho namunye phakathi kwabo ongibizayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bonke bashisa njengeziko, badla abahluleli babo; onke amakhosi abo ayawa, kungekho phakathi kwabo ongibizayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Bonke bashisa njengeziko, baqedile abahluleli babo; onke amakhosi abo awile; akakho phakathi kwabo obiza Kimi.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 7:7
27 Referans Kwoze  

UHosheya, indodana ka-Ela, wamakhela uzungu uPheka, indodana kaRemaliya, wamhlasela, wambulala, wayeseba yinkosi esikhundleni sakhe; kwakungunyaka wama-20 wokubusa kukaJothamu, indodana ka-Uziya.


UPheka, indodana kaRemaliya, umkhuzi wempi yakhe, wamakhela uzungu ekanye nabangama-50 bakwaGileyadi. Bambulala eSamariya esenqabeni yesigodlo no-Arigobhi no-Ariye, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


UMenahemu, indodana kaGadi, wenyukela eThiriza; wafika eSamariya wabulala uShalumi, indodana kaJabheshi, wayesebusa esikhundleni sakhe.


UShalumi, indodana kaJabheshi, wamakhela uzungu wambulala phambi kwabantu, wayeseba yinkosi esikhundleni sakhe.


Bazibekele bona amakhosi angaveli kimi; babeka abaholi ngingazi; bazenzela izithombe ngesiliva nangegolide labo, ukuze kunqunywe.


Ukuzigqaja kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, kodwa ababuyelanga kuSimakade uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokho.


Akukho namunye obiza iGama lakho, nozama ukubambelela kuwe, ngokuba ubusithibezile ubuso bakho kithi, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.


“Nokho wena Jakobe, awuzange ungibize; nawe Israyeli, udiniwe yimi.


Abantu ababuyelanga kulowo obashayayo, abamfunanga uSimakade Wamabandla.


“Abangenakulunga enhliziyweni baqongelela ulaka, abakhali bacele usizo lapho ebabopha.


Abakhalanga kimi ngenhliziyo yabo, kodwa bahhewula emibhedeni yabo; babuthana ngenxa yokusahlamvu newayini elisha, bangifulathela Mina.


Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami, bayoze balivume icala labo, bafune ubuso bami; kuyakuthi lapho sebesosizini bangifunisise.”


Njengokulotshiweyo emthethweni kaMose konke lokhu okubi kusehlele, nokho asincenganga ebusweni bukaSimakade uNkulunkulu wethu ukuba siphenduke ebubini bethu, siqonde iqiniso lakho.


“Ngafuna kubo umuntu owayezokwakha ugange, ame esikhaleni phambi kwami ngenxa yezwe, ukuze ngingalibhubhisi, kodwa angimtholanga.


Wathi: “Babambeni bephila.” Bababamba bephila, bababulala ngasemgodini wendlu yokugunda, abantu abangama-42, abaze bashiya muntu kubo.


Kwathi ukuba bayithole incwadi, bawathatha wonke amadodana enkosi, bawabulala, abantu abangama-70, bafaka amakhanda awo emaqomeni, bawathumela kuJehu eJizreyeli.


Wayesethi kuzo: “Mphonseni phansi.” Zamphonsa, igazi lakhe lasaphazekela odongeni nasemahhashini. Wamfihliza ngezinyawo zakhe.


UJehu wayesensala umnsalo, waciba uJehoramu, umcibisholo wangena phakathi kwamahlombe akhe, waze wayophumela enhliziyweni yakhe, wawela phansi enqoleni yakhe.


Kwathi ukuba uZimri abone ukuthi umuzi usudliwe, wayesengena enqabeni yesigodlo senkosi, wasithungela ngomlilo isigodlo senkosi engaphakathi, wafela lapho,


Kepha abantu ababelandela u-Omri babehlula abakaThibhini, indodana kaGinathi; uThibhini wafa, u-Omri wayeseba yinkosi.


Ngonyaka wesithathu wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, uBhahasha wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.


Iphi inkosi yakho manje ukuze ikusindise kuyo yonke imizi yakho, na? Baphi abaholi bakho, wena owathi ngabo: “Nginike inkosi nabaholi” na?


Maye, kulabo abaceba okubi, labo abahlela ukwenza ububi besemibhedeni yabo, kuthi ekuthatheni kokusa bakwenze! Ngokuba kusemandleni ezandla zabo ukwenza lokho.


Abaqondi lutho bonke abenza okubi, abadla abantu bami sengathi badla isinkwa, bengakhuleki kuSimakade.


Kusukela emandulo akekho owezwayo, akukho ndlebe eyalalela, akukho liso elabona omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakho, obasebenzelayo labo abamlindelayo.


Sonke sesiphenduke saba njengongcolileyo; zonke izenzo zethu ezilungileyo sezifana nengubo engcolileyo. Sonke sesibune njengeqabunga, nobubi bethu busiphephula njengomoya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite