Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 6:4 - IsiZulu 2020

4 “Ngiyakwenzani ngawe Efrayimi na? Ngiyakwenzani ngawe Juda na? Uthando lwenu lunjengomlalamvubu ekuseni, nanjengamazolo asekuseni eshabalala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Ngiyakwenzani kuwe Efrayimi, ngiyakwenzani kuwe Juda, na? Uthando lwenu lunjengefu lokusa nanjengamazolo amuka ekuseni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 O Efrayimi, ngiyakwenzani kuwe na? Juda, ngenzeni kuwe na? ngokuba umusa wakho unjengefu lokusa, nanjengamazolo amuka ekuseni.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 6:4
19 Referans Kwoze  

Ngakho-ke bayakuba njengofasimba, bafane namazolo asekuseni eshabalala, nanjengamakhoba epheshulwa ngumoya esibuyeni nentuntu ephuma ngoshimula.


“Ngingakuyekela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele kanjani, Israyeli na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikwenze kanjani ube njengeZebhoyimi na? Inhliziyo yami iyaphenduka ngaphakathi kimi, sonke isihawu sami sivusiwe.


kepha kanampande ngaphakathi; ulibamba nje okwesikhashana, kuthi lapho kufika ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke ngokushesha.


Nina-ke namuhla niphendukile, nenza okulungileyo phambi kwami ngokumemezela ukukhululeka, kwaba yilowo nalowo wakhulula umakhelwane wakhe, nenza isivumelwano phambi kwami, endlini ebizwa ngegama lami.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye, ngokuba ngizokwenza kanjani ngenxa yesono sabantu bami na?


Kepha laba bantu banenhliziyo enenkani nehlubukayo; bembukile, bahamba.


Angiyukubajezisa yini ngenxa yalokho na?” kusho uSimakade. “Umphefumulo wami awuyukuziphindiselela yini esizweni esifana nalesi na?


“Kepha ngingakuthethelela kanjani na? Abantwana bakho bangishiyile, bafunga okungesibo onkulunkulu. Ngabondla basutha, kodwa baphinga, babuthana endlini yesifebe.


“Mina bengicabanga ukuthi: “ ‘Ngizakukubeka kanjani phakathi kwabantu, ngikuphe izwe elinxanelekayo, ifa elihle kakhulu ezizweni!’ Ngathi niyakungibiza nithi: ‘Baba,’ ningaguquki ekungilandeleni.


Nokho kukho konke lokho lo dadewabo ombuluzayo, uJuda, akazange abuyele kimi ngenhliziyo ephelele, kodwa ngokuzenzisa nje,” kusho uSimakade.


“Lapho nje ngimphulukisa u-Israyeli, kuyakuhlala obala isiphambeko sika-Efrayimi nobubi beSamariya, ngokuba benza inkohliso, kwagqekeza amasela, neqembu labaphangi lahlasela emigwaqweni.


Abantu bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade, uSimakade waqinisa u-Egiloni wakwaMowabi wamelana nabakwa-Israyeli, ngokuba babenzile okubi emehlweni kaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite