Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 5:7 - IsiZulu 2020

7 Abethembekanga kuSimakade, ngokuba bazale amavezandlebe, manje-ke inyanga eyethwasayo iyakubashwabadela nezabelo zabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bamkhohlisile uJehova, ngokuba bazalile abantwana abangabafokazi; manje inyanga eyethwasayo iyakubadla kanye nezabelo zabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Baphambuka kuJehova, ngokuba bazala abantwana bezizweni; manje inyanga izobaqeda kanye nesabelo sabo.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 5:7
15 Referans Kwoze  

Kodwa basephulile isivumelwano njengo-Adamu; bangathembeka kimi ngalokho.


Impela njengomfazi ekhohlisa umyeni, kanjalo ningikhohlisile nina ndlu ka-Israyeli,” kusho uSimakade.


Yebo, awukaze ukuzwe, awukaze ukwazi, kwasemandulo indlebe yakho ayivulwanga, ngokuba bengazi ukuthi ukhohlakele, nokuthi kwasesibelethweni wabizwa ngomhlubuki.


Ngabaxosha abelusi abathathu ngenyanga eyodwa, ngoba sengikhathele ukubabekezelela, sengidiniwe futhi yibona.


Ngiyakuyiqeda nya yonke imigubho yakhe yentokozo, eyokwethwasa kwenyanga, amasabatha akhe, nawo wonke amadili akhe anqunyiweyo.


Angiyukubazwela abantwana bakhe, ngokuba bangabantwana bobufebe.


“Ngakho-ke yisho kubo uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Wonke amazwi ami awayukubambezeleka; lokho engiyakukukhuluma kuyakufezeka,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zenze ubuqili obukhulu kimi,” kusho uSimakade.


Sonile, samphika uSimakade; sihlubukile, asamlandela uNkulunkulu wethu; sikhulume ngokucindezela, nangokwambuka, sicabangile, sakhuluma amanga asenhliziyweni.


Ngikhulule, ungihlenge esandleni sabafokazi abamlomo wabo ukhuluma inkohliso, nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.


Yelulela isandla sakho phezulu, ungikhulule, ungihlenge emanzini amaningi, nasesandleni sabafokazi


Izinsuku zokwethwasa kwenyanga nemikhosi yenu emisiweyo, umphefumulo wami uyakuzonda; sekuphenduke umthwalo kimi, sengikhathele ukukuthwala.


Maye kubo, ngokuba bangibalekele! Bazokwehlelwa yinhlekelele, ngokuba bangihlubukile. Bengiyakubahlenga Mina, kodwa bakhulume amanga ngami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite