Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 5:5 - IsiZulu 2020

5 Ukuzigqaja kuka-Israyeli kuyafakaza phambi kwakhe, u-Israyeli no-Efrayimi bayakukhutshwa yizenzo zabo ezimbi, noJuda uyakhutshwa kanye nabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe; o-Israyeli no-Efrayimi bayakukhubeka ngobubi babo; naye uJuda uyakukhubeka kanye nabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe; ngalokho u-Israyeli no-Efrayimi bayakuwa ebubini babo; uJuda naye uzowa kanye nabo.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 5:5
25 Referans Kwoze  

Ukuzigqaja kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, kodwa ababuyelanga kuSimakade uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokho.


“Iwile intombi yakwa-Israyeli, ayisayukuvuka; ilahliwe ezweni layo, akekho oyakuyivusa.”


“Wathi kuyo: ‘Ngizakwehlulela ngamazwi akho, wena nceku embi. Ubuwazi kahle ukuthi ngingumuntu olukhuni: ngithatha engingazange ngikubeke, ngivune engingakuhlwanyelanga.


Ngakho-ke nizifakazela nina ukuthi ningamadodana alabo ababulala abaphrofethi.


Israyeli, buyela kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba ukhubekile ngenxa yobubi bakho.


Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe nguMdali wakhe, wakhe izigodlo, uJuda wandisa imizi ebiyelweyo. Ngiyakuthumela umlilo emizini yakhe, ungqongqise izinqaba zakhe.”


Ngokuba Mina ngiyakuba njengebhubesi ku-Efrayimi, nanjengebhongo lebhubesi kuyo indlu kaJuda. Mina luqobo, ngiyakubadwengula, bese ngihamba; ngiyakubathatha kungabi bikho obahlengayo.


Uyokhubeka emini kwabha, nomphrofethi akhubeke kanye nawe ebusuku, ngimbhubhise nonyoko.


Simakade, nakuba izono zethu zifakaza ngathi, kodwa yenza okuthile, ngenxa yegama lakho, ngokuba ukuhlubuka kwethu kukhulu; sonile kuwe.


Ngokuba iziphambeko zethu ziningi phambi kwakho, nezono zethu ziyafakaza ngathi; ngokuba iziphambeko zethu zikithi, nobubi bethu siyabazi:


Bonke abenza izithombe ezibunjiweyo bayize, nezinto abazithokozelayo azinanzuzo kubo, ofakazi babo ababoni, futhi kabazi, bayothelwa ngehlazo.


Ukubukeka kobuso babo kufakaza ngabo; izono zabo bazenza obala njengaseSodoma, abazifihli. Maye kubo! Ngokuba bazilethela ububi phezu kwabo.


Kunesizukulwane esiziqhenya kakhulu, futhi singamaqhalaqhala.


ngokuba noma olungileyo angawa kasikhombisa, uyobuye avuke, kepha izikhohlakali ziyowiswa ngokubi.


Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.


Impela omubi akayukuyekwa angajeziswa, kodwa isizukulwane sabalungileyo siyakuhlengwa.


Ukulunga komsulwa kuyayiqondisa indlela yakhe, kodwa isikhohlakali siyowiswa yinkohlakalo yaso.


Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


IJerusalema likhubekile, noJuda uwile, ngokuba abakushoyo nabakwenzayo kuphambene noSimakade, kwedelela ubukhona benkazimulo yakhe.


Thathani amazwi, nibuyele kuSimakade, nithi kuye: “Thethelela zonke iziphambeko, uthathe amazwi ethu, ukuze sinikele ngemilomo yethu ibe njengemihlatshelo yezinkunzi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite