Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 5:4 - IsiZulu 2020

4 “Izenzo zabo azibavumeli ukuba babuyele kuNkulunkulu wabo, ngokuba umoya wobufebe usezibilini zabo, futhi abamazi uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Abenzi izenzo zokuba babuyele kuNkulunkulu, ngokuba umoya wobufebe uphakathi kwabo, noJehova abamazi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kabayikuzimisa izenzo zabo ukuthi babuyele kuNkulunkulu wabo, ngoba umoya wobufebe uphakathi kwabo, njalo kabamazi uJehova.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 5:4
22 Referans Kwoze  

Abantu bami babuza ukhuni olubaziweyo, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngenxa yokufeba.


Bayakukwenza lokho ngokuba bengamazanga uBaba nami.


Animazi, kodwa Mina ngiyamazi. Uma ngingathi angimazi, ngingaba ngumqambimanga njengani. Kepha ngiyamazi, ngigcina izwi lakhe.


Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi, njengoba ulwenqabile ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumphristi wami. Ukhohliwe wumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakubakhohlwa abantwana bakho.


Yizwani izwi likaSimakade nina bantu bakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade umangalela izakhamuzi zezwe, phela akukho kwethembeka, naqiniso, nalwazi ngoNkulunkulu ezweni.


Makufike isomiso emanzini alo, aze ashe, ngokuba yizwe elinezithombe ezibaziweyo, bahlanyiswa yizithombe zabo ezibaziweyo, ezesabekayo.


Ngiyakubanika inhliziyo yokuba bangiqonde ukuthi nginguSimakade. Bayakuba ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wabo, bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke.


Kepha ozibongayo makazibonge ngalokhu, ukuthi uyangiqonda, futhi uyangazi ukuthi nginguSimakade owenza umusa, ubulungiswa nokulunga emhlabeni, ngokuba ngiyathokoza ngalezi zinto,” kusho uSimakade.


Bahlala phakathi kwenkohliso; ngenkohliso bayenqaba ukungazi Mina,” kusho uSimakade.


Bangabi njengawoyisemkhulu, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.


Abalaziyo igama lakho bethembela kuwe; Simakade awubalahli labo abakufunayo.


Amadodana ka-Eli ayengabantu abakhohlakele; engamazi uSimakade.


“Angiyukuwajezisa amadodakazi enu lapho efeba, nomalokazana benu lapho bephinga, ngokuba namadoda aphambukela ezifebeni, enze umhlatshelo nezifebe zethempeli, abantu abangenakuqonda bayakubhubha.


“U-Efrayimi usenjengejuba elingenangqondo; babize iGibhithe, baya e-Asiriya.


Imihelo yobelethayo iyakumfikela, uyindodana engahlakaniphile, ngokuba kuthi sekuyisikhathi sokuba azalwe angezi emnyango wesibeletho.


bazinikela ekufebeni, ewayinini, nasewayinini elisha, okususa ingqondo.


“Ngokuba u-Efrayimi wandisile ama-althare emihlatshelo yesono; esephenduke ama-althare emihlatshelo yesono.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite