Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 5:10 - IsiZulu 2020

10 Abaholi bakwaJuda bafana nabagudluza imingcele kwa-Israyeli. Ngiyakuthululela kubo ulaka lwami njengamanzi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Izikhulu zakwaJuda zinjengabasusa imincele; ngiyakuthulula phezu kwazo intukuthelo yami njengamanzi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Izikhulu zakwaJuda zazinjengabasusa iviyo; ngalokho ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo njengamanzi.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 5:10
15 Referans Kwoze  

“Awuyukuwugudlula umngcele kamakhelwane wakho owamiswa ngokhokho, ukuba ube yindawo yefa lakho oyakulidla ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle.”


Makuthi bonke abethembekileyo bakhuleke kuwe ngesikhathi senhlupheko; impela isikhukhula esinamandla asiyukufinyelela kubo.


“ ‘Makaqalekiswe ogudluza isikhonkwane sikamakhelwane wakhe.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’


Kodwa ozwayo angenzi, unjengomuntu owakha indlu emhlabathini ngaphandle kwesisekelo; umfula wayishaya, yawa masinyane; kwaba kukhulu ukudilika kwaleyo ndlu.”


Yafika imvula, kwafika izikhukhula nezivunguvungu zomoya; zayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!”


Manje sengiyakuthulula masinyane ulaka lwami phezu kwakho, ngifeze intukuthelo yami kuwe, ngizakukwehlulela ngokwezindlela zakho, ngiphindisele kuwe zonke izinengiso zakho.


Ungasisusi isikhonkwane esidala esashayelwa ngokhokho bakho.


Ukuqala kwengxabano kufana nokuvulelwa kwamanzi, ngakho-ke shiya kungakaqubuki ingxabano.


Imihla yonke kungizungeze njengamanzi, kungikake kanyekanye.


Ukunengwa kwakho kuthele phezu kwabo, intukuthelo yakho evuthayo ibafice.


Izikhulu zakho zingabahlubuki nabangani bamasela; bonke bathanda ukufunjathiswa, balandela izipho nemivuzo. Abazivikeli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


Njengalokhu isiliva lincibilikiswa phakathi esithandweni somlilo, kanjalo nani niyakuncibilikiswa phakathi kwaso, niyakukwazi-ke ukuthi Mina Simakade ngithululele ulaka lwami phezu kwenu.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite