Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 4:3 - IsiZulu 2020

3 Ngalokho-ke izwe liyalila, bonke abahlala kulo bayonda, nezilwane zasendle, izinyoni zezulu, nezinhlanzi zasolwandle kuyashabalala.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngalokho izwe liyakudabuka, bonke abakhe kulo badangale kanye nezilwane zasendle nezinyoni zezulu; yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngalokho izwe liyakukhala, bonke abakhileyo kulo badangale, nezilwane zasendle nezinyoni zezulu; yebo, ngisho nezinhlanzi zolwandle ziyosuswa.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 4:3
17 Referans Kwoze  

“Ngiyakuqeda nya abantu nezilwane, ngishabalalise izinyoni zezulu nezinhlanzi zasolwandle. Ngiyakuqeda ababi kanye nezikhubekiso ngibaqothule abantu ebusweni bomhlaba,” kusho uSimakade.


Ukhuza ulwandle, alomise, nemifula yonke ayishise, iBhashani neKharimeli kuyabuna, kuntshwame nezimbali eLebhanoni.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, iNkosi, uthi: “Kuyakulilwa kuzo zonke izigcawu, nakuyo yonke imigwaqo, kuthiwe: ‘Maye! Maye!’ Bayakubiza umlimi ukuba akhale, nongoti bokukhihla isililo.


Kuyakuthuthumela ebukhoneni bami izinhlanzi zolwandle, izinyoni zezulu, izilwane zasendle, zonke izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, bonke abantu abasebusweni bomhlaba, izintaba zidilikele phansi, kuwe amawa nazo zonke izingange.


Kuyoze kube nini izwe ligagadekile, nemifino yonke yasendle ibuna na? Ngobubi babakhileyo kulo; izilwane nezinyoni kuyashabalala, ngokuba bathi: “Akayukusibona isiphetho sethu.”


Ngabuka; uyabona-ke, kwakungekho muntu; zonke izinyoni zezulu zazibalekile.


“Umhlaba awuyukuzamazama yini ngenxa yalokho, balile bonke abahlala kuwo na? Impela, uyakukhukhumala wonke njengomfula, uqonge, ubuye ubohle njengomfula eGibhithe.


Wathi: “USimakade uyabhonga eZiyoni, azwakalise izwi lakhe eJerusalema. Amadlelo abelusi ayagagadeka, nesicongo seKharmeli siyabuna.”


Izwe lididekile, lidangele, iLebhanoni lithelwe ngamahloni, liyabuna, iSharoni linjengehlane, iBhashani neKharmeli kuyavuthuluka.


Ngiyakukhala, ngilile ezintabeni, nasemadlelweni asehlane, ngikhihle isililo; ngokuba aqothuliwe, akukho muntu owedlula kuwo, akuzwakali nakukhala kwemfuyo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.


Ngokuba izwe ligcwele iziphingi; izwe lomisile ngenxa yesiqalekiso; amadlelo asehlane omile. Baphila impilo embi, basebenzisa namandla abo ngokungafanele.


Maye, sekububula nemfuyo! Imihlambi yezinkomo yehla yenyuka ikhungathekile, ngokuba ayinamadlelo, nemihlambi yezimvu ithwele kanzima.


‘Ngiyakusithumela, singene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami. Siyakuhlala phakathi endlini yakhe, siyishabalalise nezingodo zayo namatshe ayo.’ ”


Angizukubajezisa yini ngalokho na?” kusho uSimakade. “Umphefumulo wami awuyukuziphindiselela yini esizweni esinjengalesi na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite