Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 4:14 - IsiZulu 2020

14 “Angiyukuwajezisa amadodakazi enu lapho efeba, nomalokazana benu lapho bephinga, ngokuba namadoda aphambukela ezifebeni, enze umhlatshelo nezifebe zethempeli, abantu abangenakuqonda bayakubhubha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Angiyikuwajezisa amadodakazi enu, lapho efeba, nawomakoti benu lapho bephinga, ngokuba namadoda achezukela iziphingi, ahlaba kanye nezifebe zethempeli. Kanjalo abantu abangenangqondo bayakuwiswa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Angiyikuhambela amadodakazi enu, uma efeba, nabafelokazi benu, uma bephinga; ngoba bahlukene nezifebe, bahlabela nezifebe; ngakho-ke abantu abangaqondi bayakuwa.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 4:14
23 Referans Kwoze  

Yizwani izwi likaSimakade nina bantu bakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade umangalela izakhamuzi zezwe, phela akukho kwethembeka, naqiniso, nalwazi ngoNkulunkulu ezweni.


Kepha uma nina ningayalwa, njengalokhu kwenziwa kanjalo kubo bonke, khona-ke ningamavezandlebe, anisiwo amadodana.


abangqondo yabo ifiphazwe ngubumnyama, bahlukaniswa nokuphila kukaNkulunkulu ngenxa yokungazi kwabo nangenxa yobulukhuni benhliziyo yabo,


Anazi yini ukuthi ozihlanganisa nesifebe uba mzimba munye naso na? Phela kulotshiwe ukuthi: “Labo bobabili bayakuba nyamanye.”


akekho onokuqonda, akekho ofuna uNkulunkulu;


Kwenziwa yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Yingokuba anifuni ukuzwa izwi lami.


Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.


U-Efrayimi uzibandakanye nezithombe, myeke kanjalo.


Bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, abaningi bayakucwengisiswa, kepha ababi bayakwenza kabi, akukho noyedwa omubi oyakuba nokuqonda; abahlakaniphileyo bayakuqonda.


Yebo, bayizinja ezihahayo, abesuthi; abelusi nabo bonke ngothi lwabo abanakuqonda, baphendukele bonke ezindleleni zabo; yilowo nalowo enzuzweni yakhe.


Nisazoshaywa kuphi futhi, lokhu nisaqhubeka nokuhlubuka na? Lonke ikhanda liyagula, nenhliziyo yonke ibuthakathaka.


Abantu ababi ababuqondi ubulungiswa, kodwa abafuna uSimakade, bakuqonda konke.


Yadiliza izindlu zezifebe zesilisa ezazisendlini kaSimakade, lapho abesifazane babelukela khona amathende ka-Ashera.


Waxosha izifebe zesilisa zethempeli ezweni, wasusa zonke izithombe ababezenzile okhokho bakhe.


“Makungabi bikho sifebe sethempeli emadodakazini nasemadodaneni akwa-Israyeli.


“Izenzo zabo azibavumeli ukuba babuyele kuNkulunkulu wabo, ngokuba umoya wobufebe usezibilini zabo, futhi abamazi uSimakade.


Bagxobagxoba amakhanda abampofu othulini lomhlabathi, bachezukisa abathobekileyo endleleni; indodana noyise baya entombini, kanjalo-ke balihlambalaze iGama lami elingcwele.


“Ngakholo-ke usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Umkakho uyakufeba emzini, amadodana namadodakazi akho ayakufa ngenkemba, nezwe lakho liyakulinganiswa ngentambo labiwe, wena uyakufela ezweni elingcolileyo, u-Israyeli athunjwe impela ezweni lakhe.’ ”


U-Israyeli wazihlanganisa noBhali Pheyori. Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli.


Lapho amagatsha awo esebunile, ayogencwa, kufike abesifazane baphembe ngawo umlilo. Ngokuba laba bantu bayisizwe esingenakuqonda; owabenzayo akayukubahawukela, nowababumbayo akayukuba namusa kubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite