Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 2:2 - IsiZulu 2020

2 “Phikisanani nonyoko, nimmangalele, ngokuba akayena umkami, nami angiyona indoda yakhe. Makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe, nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Phikisanani nonyoko, niphikisane, ngokuba akasiye umkami, nami angisiyo indoda yakhe; makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe, nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Mlaseni unyoko, ngokuba akasiye umkami, nami angisiye umyeni wakhe; khona-ke makasuse ubufebe bakhe nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe;

Gade chapit la Kopi




Hoseya 2:2
22 Referans Kwoze  

Usho kanje uSimakade, uthi: “Iphi incwadi yesehlukaniso engimlahle ngayo? Ngumuphi konyoko engimxoshile, ngubani enginesikweletu naye, engithengise ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngenxa yobubi benu, nangeziphambeko zenu; unyoko walahlwa.


Abantu abalungileyo bayakubehlulela ngokwehlulelwa kowesifazane ophingayo nangokwabesifazane abachitha igazi, ngokuba bayiziphingi, futhi negazi lisezandleni zabo.


Kuphela, yazi ububi bakho ukuthi uhlubukile kuSimakade uNkulunkulu wakho, izindlela zakho wazihlakazela kwabezizwe, phansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” kusho uSimakade.


Ekuqaleni kwayo yonke imigwaqo, wakha izindawo zakho eziphakemeyo, wenza ubuhle bakho baba yisinengiso, imilenze yakho wayenekela bonke abedlulayo, wandisa ubufebe bakho.


“Uma indoda ilahla umkayo, noma yena ahambe ayogana enye indoda, ingabe isabuyela yini kuye na? Lelo lizwe liyobe lingangcoliswanga kakhulu na? Kepha wena ofebe nezithandwa eziningi uyakubuyela kimi,” kusho uSimakade.


Unina wazifebela, wabakhulelwa ngokwenza ihlazo, ngokuba wathi ngizakuhamba ngilandele izithandwa zami, ezingipha isinkwa sami namanzi ami, uboya bami bezimvu nefilakisi lami, amafutha ami nokuphuzwayo kwami.


Lapho uSimakade eqala ukukhuluma ngoHoziya, wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bokuphingwa, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uSimakade.”


Uyakuthi: ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina makhosi akwaJuda, nani zakhamuzi zaseJerusalema. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela inhlekelele kule ndawo, bonke abayokuzwa ngayo, izindlebe zabo ziyonkeneneza.


Kanjalo thina kusukela manje, asisazi muntu ngokwenyama; nakuba besimazi uKhristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


Ngase ngithi ngalo osephele nya ngukufeba: ‘Impela bayakufeba naye, naye afebe nabo, ngokuba yilokho ayikho.’


“Ndodana yomuntu uzakubehlulela yini, uzakubehlulela na? Bazise izinengiso zokhokho babo,


“ ‘ “Wathatha amadodana namadodakazi akho owawungizalele wona, wawahlabela zona ukuba azidle. Babubuncane yini ubufebe bakho na?


“ ‘Usho kanje uSimakade, ngiyakukhumbula umusa wobusha bakho, uthando lwakho njengomakoti, nokuthi wangilandela kanjani ehlane, ezweni okungatshalwanga lutho kulo.


“Memeza, ungazibambi, liphakamise izwi lakho njengecilongo, batshele abantu bami iziphambeko zabo, nendlu kaJakobe izono zayo.


“Bizani abafowenu ngokuthi: ‘u-Ami,’ nawodadewenu ngokuthi: ‘uRuhama.’


Uyokhubeka emini kwabha, nomphrofethi akhubeke kanye nawe ebusuku, ngimbhubhise nonyoko.


Iyophakamisela abezizwe ibhanela, ibuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, iqoqe abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini omane omhlaba.


Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuhamba nendlu yakwa-Israyeli, ziyakubuya kanyekanye ezweni enyakatho, ziye ezweni engalinika okhokho benu ukuba libe yifa labo.


Obavulela indlela uyakuhamba phambi kwabo. Bayakufohla, badlulele esangweni, baphume ngalo. Inkosi yabo isidlulile phambi kwabo, uSimakade useyinhloko yabo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite