Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 2:13 - IsiZulu 2020

13 Ngiyakumjezisela izinsuku zoBhali lezo ayebashisela ngazo impepho, ezihlobisa ngezindandatho zakhe nangobucwebecwebe bakhe, elandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa Mina,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngiyakumhambela ngenxa yezinsuku zawoBali owabashisela ngazo impepho, wahloba ngamacici akhe nangezinto zakhe ezinhle, wazilandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa, usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngiyakumhambela ngezinsuku zawoBali, ashumayeza ngazo impepho, wazihlobisa ngamacici akhe nezinto zakhe ezicwebezelayo, walandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa mina,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 2:13
44 Referans Kwoze  

Basutha ngokwamadlelo abo, kuthe sebesuthi bazigqaja, base bengikhohlwa Mina.


Abantu bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhohlwa nguSimakade uNkulunkulu wabo, bakhonza oBhali no-Ashera.


Bekuthi uma u-Efrayimi ekhuluma, kube nokuthuthumela, wayephakanyisiwe kwa-Israyeli, kodwa waba necala ngokukhonza uBhali, wayesefa.


Lapho bebabiza, basuka kubo; bayohlabela oBhali, bashisela nezithombe ezibaziweyo impepho.


“ ‘Niyokweba yini, nibulale, niphinge, nifunge amanga, nishisele uBhali impepho, nilandele abanye onkulunkulu eningabaziyo na?


Sezifikile izinsuku zokujeziswa, izinsuku zokuphindisela, u-Israyeli makakwazi lokho. Umphrofethi uyisiwula, umuntu onomoya uyahlanya ngenxa yeziphambeko zakho eziningi nangobutha obukhulu.


Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe nguMdali wakhe, wakhe izigodlo, uJuda wandisa imizi ebiyelweyo. Ngiyakuthumela umlilo emizini yakhe, ungqongqise izinqaba zakhe.”


Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi, njengoba ulwenqabile ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumphristi wami. Ukhohliwe wumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakubakhohlwa abantwana bakho.


Benza imihlatshelo ezicongweni zezintaba, bashise impepho emagqumeni, phansi kwemi-okhi, kwemiphophula nemitherebhinte, ngokuba umthunzi walokho muhle. Ngalokho-ke amadodakazi enu ayafeba, nomalokazana benu bayaphinga.


Uyakulandela izithandwa zakhe, kodwa akayukuzifica, uyakuzifuna kepha akayukuzifumana, bese ethi: “Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni yami yokuqala, ngokuba kwakukuhle kimi ngalezo zinsuku kunamanje.”


Unina wazifebela, wabakhulelwa ngokwenza ihlazo, ngokuba wathi ngizakuhamba ngilandele izithandwa zami, ezingipha isinkwa sami namanzi ami, uboya bami bezimvu nefilakisi lami, amafutha ami nokuphuzwayo kwami.


“Ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngokuba ungikhohliwe Mina, wangifulathela, uyakukuthwala ukungcola kwakho nobufebe bakho.’ ”


Bamukele umfumbathiso kuwe ukuba bachithe igazi, wena wathatha inzalo nenzuzo, waphanga omakhelwane bakho ngokubacindezela, kodwa wangikhohlwa Mina, kusho iNkosi uSimakade.


Wathatha imvunulo yobuhle bakho, egolideni lami nasesiliveni lami engangikuphe khona, wazenzela izithombe zabesilisa, wafeba nazo.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngabelusi abelusa abantu bami, uthi: “Nizihlakazile nazixosha izimvu zami, anizinakekelanga. Bhekani, ngizonijezisa ngenxa yobubi bezenzo zenu,” kusho uSimakade.


Nokho abantu bami bangikhohliwe, bashisela okuyize impepho; bakhubeka ezindleleni zabo, emendweni yasemandulo, ukuba bahambe ngemikhondo, nangezindlela ezingahlelwanga;


Ngokuba ngangobuningi bemizi yenu, bangako onkulunkulu bakho, Juda, nanjengomumo wemigwaqo eJerusalema, angako ama-althare eniwamisele le nto enengekayo, ama-althare enishisela kuwo uBhali impepho.’


Intombi ingakhohlwa yini yimvunulo yayo, nomakoti ixhama lakhe na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.


Ngokuba umkhohliwe uNkulunkulu wensindiso yakho, awulikhumbulanga iDwala ophephela kulo, ngalokho-ke noma utshala izithombo zekhethelo, uhlwanyele amahlumela angaziwayo,


Bakhohlwa nguNkulunkulu, uMsindisi wabo, owayenze izinto ezinkulu eGibhithe,


Kepha basheshe bayikhohlwa imisebenzi yakhe, ababe besasilandela iseluleko sakhe.


Bayikhohlwa imisebenzi yakhe nezimangaliso zakhe ayebabonise khona.


“Zinjalo-ke izindlela zabo bonke abakhohlwa nguNkulunkulu, ithemba longenabunkulunkulu liyakushabalala.


Wabuye wazakha izindawo eziphakemeyo ezazibhidlizwe nguyise uHezekiya, wamisela uBhali i-althare, wagxumeka izigxobo zika-Ashera njengoba kwakwenze u-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, wakhuleka kulona lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.


UJehu wamchitha-ke uBhali kwa-Israyeli.


U-Ahaziya waphuma ngefasitela lekamelo lakhe eliphezulu elaliseSamariya wawa, wagula. Wathumela izithunywa, wathi kuzo: “Hambani niyongihlolela kuBhali Zebhubhi, unkulunkulu wase-Ekhroni, ukuthi ngizolulama yini kulokhu kugula.”


“Sebelapho bakhohlwa nguSimakade uNkulunkulu wabo. Wayesethengisa ngabo esandleni sikaSisera, induna yempi eHazori, esandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi; balwa nabo.


Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali no-Ashitharothi, onkulunkulu bama-Aramu, nonkulunkulu bamaSidoni, nonkulunkulu bakwaMowabi, nonkulunkulu bama-Amoni, nonkulunkulu bamaFilisti. Bamshiya kanjalo uSimakade, ababe besamkhonza.


Walikhohlwa iDwala elakuzalayo, wamkhohlwa uNkulunkulu owakudalayo.


kodwa uqaphele ukuba ungakhohlwa nguSimakade owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


Hamba manje, uhole abantu ubayise endaweni engakhuluma ngayo kuwe. Uyabona-ke, ingelosi yami izohamba phambi kwakho, kodwa lapho lufika usuku lokubajezisa, ngiyobajezisa ngenxa yesono sabo.”


ububi babo, nobokhokho babo kanyekanye,” kusho uSimakade.


Ngakufaka indandatho ekhaleni, amacici ezindlebeni zakho, nomqhele omuhle ekhanda lakho.


Emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema ngiyakuwuthulisa umsindo wokujabula nowokuthokoza, nezwi lomyeni nelikamakoti, ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.’ ”


Imigwaqo yaseZiyoni iyalila, akusekho muntu osaya emikhosini emisiweyo; onke amasango akhona aseyincithakalo, abaphristi bakhona bayabubula, izintombi zakhona ziyahlupheka; nalo linomunyu.


Akusahlali zingwevu esangweni, nezinsizwa azisayivumi ingoma yazo.


“Ngiyakuguqula amadili enu abe ngukukhala, namaculo enu wonke abe yisililo, ngiyakubhincisa zonke izinkalo zenu ngendwangu eyisaka, ngenze amakhanda abe zimpandla, kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwalokho kuyakufana nosuku olunomunyu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite