Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 2:11 - IsiZulu 2020

11 Ngiyakuyiqeda nya yonke imigubho yakhe yentokozo, eyokwethwasa kwenyanga, amasabatha akhe, nawo wonke amadili akhe anqunyiweyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngiyakwenza ukuba iphele yonke intokozo yakhe, imikhosi yakhe, nokwethwasa kwenyanga, namasabatha akhe, nayo yonke imikhosi yakhe emisiweyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngiyokwenza ukuba kuphele yonke intokozo yakhe, imikhosi yakhe, nezinyanga zakhe zokuthwasa kwezinyanga, namasabatha akhe, nayo yonke imikhosi yakhe.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 2:11
17 Referans Kwoze  

Ngiyawazonda, futhi ngiyawenqaba amadili enu, angiyenameli nemihlangano yenu.


nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwesa kwenyanga ukuze sithengise ngokusanhlamvu, kudlule nesabatha ukuze sithengise ngokolo na? Senze i-efa libe lincane, neshekeli libe likhulu, senze nezilinganiso zenkohliso,


Emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema ngiyakuwuthulisa umsindo wokujabula nowokuthokoza, nezwi lomyeni nelikamakoti, ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.’ ”


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngizakuqeda kule ndawo, phambi kwenu, nasemihleni yenu, umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nezwi likamakoti.’


Lapho bethandela njengameva, isiphuzo sabo sifana nesezidakwa, bayakuqothulwa njengenswani eyomileyo.


Ngalolo lusuku, amaculo asethempelini ayakuba ngawokukhihla isililo, ziyakuba ziningi izidumbu eziyakudindiliza, zilahlwe kuzo zonke izindawo. Thulani!” kusho iNkosi uSimakade.


Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bayakuhlala izinsuku eziningi bengenankosi, benganasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.


Ngiyakuwuqeda umsindo wezingoma zakho, nokunkeneneza kwamahabhu akho akuseyukuzwakala nanini.


Futhi ngiyakuqeda nya kubo umsindo wokujabula nomsindo wentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, nomsindo wamatshe okusila nokukhanya kwesibani.


UJerobhowamu wamisa umkhosi ngenyanga yesishiyagalombili, ngosuku lwe-15, wagubha umkhosi njengalokhu kwakwenza abakwaJuda, wanikela e-althare, wenza nakanjalo eBhethele ukuba ahlabele amathole ayewenzile. Wabeka eBhethele abaphristi ezindaweni eziphakemeyo ayezenzile.


Abethembekanga kuSimakade, ngokuba bazale amavezandlebe, manje-ke inyanga eyethwasayo iyakubashwabadela nezabelo zabo.


Isithukuthuku senu siyophelela obala; izwe lenu aliyukuthela lutho, nemithi ekulo ayiyukuthela zithelo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite