Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 2:10 - IsiZulu 2020

10 Manje-ke sengizokwembula ihlazo lakhe zizibonela ngawazo amehlo izithandwa zakhe, futhi akukho namunye oyakumhlenga esandleni sami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Sengiyakwambula ihlazo lakhe emehlweni ezithandwa zakhe; akuyikubakho omophula esandleni sami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Manje ngizakwembula ihlazo lakhe phambi kwamehlo ezithandwa zakhe, njalo kakho ozamsindisa esandleni sami.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 2:10
19 Referans Kwoze  

Bayakukuphatha ngenzondo, bakuqhwage konke lokho osukusebenzele, bakuphundle, usale unqunu, ubunqunu bobufebe bakho bube sobala. Ukukhanuka kwakho nobufebe bakho


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


Insali kaJakobe iyakuba sezizweni, kubantu abaningi, njengengonyama iphakathi kwezilwane zehlathi, nanjengewundlu lengonyama liphakathi komhlambi wezimvu, elithi uma lidabula phakathi kwawo, linyathele, linephunephuze, kungabi bikho ohlengayo.


funa ngimhlubule abe nqunu, ngimbhushuzelise njengosuku azalwa ngalo, ngimenze afane nehlane, abe njengezwe eligagadekile, bese ngimbulala fi ngokoma.


Ngizakuphenya isidwaba sibe sebusweni bakho, bubonakale ubunqunu bakho.


Uyakuthi enhliziyweni yakho: “Zingehleleleni lezi zinto na?” Ngobukhulu bokona kwakho, isidwaba sakho siphenyiwe, nomzimba wakho wahlukunyezwa.


ngenxa yalokho, iNkosi iyozenza izimpandla izinkakhayi zamadodakazi aseZiyoni; uSimakade uyowashiya eyizingengelezi.”


Impela omubi akayukuyekwa angajeziswa, kodwa isizukulwane sabalungileyo siyakuhlengwa.


“Nina enikhohlwa nguNkulunkulu, kuqapheleni lokho, funa nginidwengudwengule, kungabi bikho onisindisayo.


Njengeqembu labaphangi lilalele umuntu unyendle, kanjalo neqembu labaphristi liyabulala endleleni eya eShekhemu, impela benza inkohlakalo.


Amadodana ka-Athaliya alowo wesifazane okhohlakele, ayefohle angena endlini kaNkulunkulu, futhi asebenzisa zonke izinto ezingcwele zendlu kaSimakade, ezisebenzisela uBhali.


Wathatha ezinye zezingubo zakho, wazenzela izindawo eziphakemeyo ezikhangayo, wafebela kuzo, okungakaze kwenzeke futhi okungasoze kwenzeka nanini.


Wathatha nesinkwa sami engangikunike sona, impuphu ecolisekileyo, amafutha, noju engangikunike khona ukuba ukudle, wakubeka phambi kwazo, kwaba yiphunga elimnandi; kwaba kanjalo-ke,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


U-Israyeli wayengumvini owenabileyo, wathela izithelo zakhe eziningi, ngokwanda kwesithelo sakhe wandisa ama-althare akhe; kwathi ngokuchuma kwezwe lakhe wenza izinsika ezingcwele.


Bekuthi uma u-Efrayimi ekhuluma, kube nokuthuthumela, wayephakanyisiwe kwa-Israyeli, kodwa waba necala ngokukhonza uBhali, wayesefa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite