Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 14:6 - IsiZulu 2020

6 Amahlumela akhe ayokwenaba, ubuhle bakhe bube njengomnqumo, iphunga lakhe liyakuba njengemisedari yaseLebhanoni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Imixhantela yakhe iyakuxhantela, ubuhle bakhe bube njengomnqumo, iphunga lakhe libe njengeLebanoni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Amagatsha awo ayakunwebeka, nobuhle bawo bube njengomnqumo, nephunga lawo libe njengeLebhanoni.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 14:6
19 Referans Kwoze  

Kepha mina ngifana nesihlahla somhlwathi esiluhlaza, endlini kaNkulunkulu. Ngethembele emseni kaNkulunkulu kuze kube phakade.


Kepha nginakho konke ngokwevile, impela nganelisiwe ngengikwamukeliswe ngu-Ephafrodithu obekuvela kini; kuliphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.


“Mina ngingumvini woqobo, uBaba ungumlimi.


Wabuye wabatshela omunye umzekeliso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nohlamvu lwesinaphi aluthatha umuntu waluhlwanyela ensimini yakhe;


USimakade wabiza igama lakho ngokuthi umnqumo oluhlaza obukekayo, onezithelo ezinhle. Kepha ngomsindo wesiphepho esikhulu, uyakuphemba umlilo kuwo, kuphuke amagatsha awo.


Umkakho uyakuba njengomvini othelayo emzini wakho, abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo, bahlale bazungeze itafula lakho.


Kuthe lapho esondela kuye emanga, u-Isaka wahogela iphunga ezingutsheni zakhe, wayesembusisa. Wathi: “Iphunga lendodana yami lifana nephunga lensimu ebusiswe nguSimakade.


Olungileyo uhluma njengesundu, akhule njengomsedari eLebhanoni.


Ngesikhathi esizayo uJakobe uyogxila, u-Israyeli aqhakaze, akhahlele, athele izithelo, agcwalise umhlaba wonke.


Luzokhahlela kakhulu luthokoze, lujabule, lugide. Inkazimulo yeLebhanoni izobuyiselwa kulo nobukhosi beKharimeli nobeSharoni. Bayakubona inkazimulo kaSimakade, ubukhosi bukaNkulunkulu wethu.


Niyokukubona, izinhliziyo zenu zijabule, amathambo enu ahlume njengotshani, isandla sikaSimakade siyokwaziwa ukuthi sisezincekwini zakhe, azithukuthelele izitha zakhe.


Masimazi, siphokophelele ukumazi uSimakade; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengentathakusa, uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yasentwasahlobo ematisa umhlaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite