Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 13:3 - IsiZulu 2020

3 Ngakho-ke bayakuba njengofasimba, bafane namazolo asekuseni eshabalala, nanjengamakhoba epheshulwa ngumoya esibuyeni nentuntu ephuma ngoshimula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngalokho bayakuba njengamafu okusa, nanjengamazolo amuka ekuseni, nanjengamakhoba aphephethwa esibuyeni nomusi ophuma ngefasitele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngakho bayakuba njengefu lokusa, nanjengamazolo asekuseni adlula, namakhoba apheshulwa esibuyeni, nanjengomusi ophuma kushimula.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 13:3
11 Referans Kwoze  

“Ngiyakwenzani ngawe Efrayimi na? Ngiyakwenzani ngawe Juda na? Uthando lwenu lunjengomlalamvubu ekuseni, nanjengamazolo asekuseni eshabalala.


Kepha abanjalo ababi, kodwa bafana namakhoba apheshulwa ngumoya.


Njengokuphephuka komusi, nokuncibilika kwengcina phambi komlilo, bachithwa kanjalo ababi phambi kukaNkulunkulu.


Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi, nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo, kwasuswa ngumoya, akutholwanga ndawo; itshe elalisishaya isithombe laba yintaba enkulu, lawugcwalisa umhlaba wonke.


Izizwe zihlokomisa okwamanzi amaningi, kodwa uyakuzijezisa, zibalekele kude, zixoshwe njengamakhoba epheshulwa ngumoya ezintabeni, nanjengothuli lupheshulwa yisiphepho.


Zifana nezibi phambi komoya, namakhoba epheshulwa yisiphepho.


Ngikhungethwe yingebhe; udumo lwami luxoshwa sengathi lupheshulwa ngumoya, impumelelo yami inyamalele njengefu.


singakaphumi isinqumo, lungakadluli lolo lusuku njengamakhoba, lungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaSimakade, lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaSimakade.


“Kuyakuba khona imbewu yokuthula, umvini uyakuthela isithelo sawo, umhlabathi ukhiqize ukudla kwawo, amazulu ehlise amazolo awo. Konke lokhu ngiyakukunika insali yalaba bantu kube yifa layo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite