Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 13:13 - IsiZulu 2020

13 Imihelo yobelethayo iyakumfikela, uyindodana engahlakaniphile, ngokuba kuthi sekuyisikhathi sokuba azalwe angezi emnyango wesibeletho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Imihelo yobelethayo iyakumehlela; uyindodana engahlakaniphile, ngokuba kuyisikhathi sokuba angemi lapho kuqhamuka abantwana.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Izinhlungu zokubeletha ziyakumfica; uyindodana eyisiwula; ngoba akufanele ahlale isikhathi eside endaweni yokugqashuka kwabantwana.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 13:13
23 Referans Kwoze  

Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi lolu wusuku losizi, lokukhankathwa nokwedelelwa. Abantwana sebelungele ukuzalwa, kodwa amandla okubazala awekho.


Bayakushaqeka, babanjwe yiminjunju nobuhlungu, bayoba neminjunju enjengemihelo yowesifazane ebeletha. Bayobhekana nomakhelwano babo ngeziqu zamehlo. Ubuso babo bubheje bube bomvu okwamalangabi.


Njengowesifazane okhulelweyo osezobeletha ekhaliswa yizinhlungu zokusikwa, saba njalo phambi kwakho, Simakade.


akhungathwa yingebhe lapho nemihelo, njengokowesifazane otetayo.


Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi: ‘Lolu lusuku losizi, nolokusolwa nolokwedelelwa, ngokuba abantwana sebekulungele ukuzalwa, kodwa awekho amandla okubazala.


Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.


Ohlakaniphileyo uyayibona ingozi, acashe, kodwa abangenalwazi bayaphikelela, bajeziswe.


ngokuba uthi: “Ngesikhathi esihle ngikuzwile nangosuku lwensindiso ngakuhlenga.” Qaphela, manje sekuyisikhathi esihle kakhulu. Impela, manje wusuku lwensindiso.


Kuthe esakhuluma ngokulunga, ngokuzithiba, nangokwehlulela okuzayo, uFelikisi washaywa luvalo, wayesephendula ethi: “Okwamanje hamba, kodwa uma ngithola ithuba, ngizokubiza.”


IDamaseku lidikibele, laphenduka labaleka; ingebhe ilibambile, ukudabuka nobuhlungu kulikhungethe njengowesifazane obelethayo.


Ake nibuze, nibone ukuthi indoda yake yabeletha na? Pho kungani ngibona wonke amadoda ebambelele okhalo njengowesifazane ebeletha, ubuso bonke buphaphathekile na?


Wena ohlala eLebhanoni, osidleke sakho sisemisedarini, uyobubula kanjani lapho sewuhelelwa, usunemihelo njengowesifazane obelethayo na?


Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho labo okade ubafundisile ukuba babe ngabangani bakho, babe ngumholi na? Awuyukukhungathwa yini yimihelo njengowesifazane obelethayo na?


Ngizwile izwi kungathi ngelowesifazene ohelelwayo, usizi lozibulayo, izwi lendodakazi uZiyoni ihefuzela, yelula izandla zayo, ithi: “Maye, kimi! Ngokuba umphefumulo wami udangele, phambi kwababulali bami.”


Mina ngingakusondeza yini ekuzalweni ngingenzi uzalwe na?” kusho uSimakade. “Mina ozalisayo ngingasivala yini isibeletho na?” kusho uNkulunkulu wakho.


Ngalokho ukhalo lwami lugcwele izinhlungu; ngibanjwe yimihelo njengowesifazane obelethayo; ngikhonkobele ngengikuzwile, ngethukile ngengikubonile.


Owesifazane nxa esabeletha, uba lusizi, ngokuba sesifikile isikhathi sakhe; kepha uma esembelethile umntwana, akabe esazikhumbula izinhlungu ngenxa yenjabulo yokufika komntwana emhlabeni.


Ngabe nimbonga kanjalo uSimakade, na? Nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile, akasiye yini uyihlo anidalwanga nguye wanenza, wanimisa, na?


“Izenzo zabo azibavumeli ukuba babuyele kuNkulunkulu wabo, ngokuba umoya wobufebe usezibilini zabo, futhi abamazi uSimakade.


Ingelosi kaNkulunkulu yayehla ngezikhathi ezithile, ifike izamazamise ichibi, bese kuthi lowo ongene kuqala emva kokuzanyazanyiswa kwalo, asinde esifweni esimphetheyo, noma ngabe sifo sini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite