Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 13:11 - IsiZulu 2020

11 Ngakunika inkosi ngentukuthelo yami, ngayithatha ngolaka lwami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngikunike inkosi ngentukuthelo yami, ngayisusa ngolaka lwami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngakunika inkosi ngolaka lwami, ngayisusa ngolaka lwami.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 13:11
18 Referans Kwoze  

Kodwa nina namhlanje nimlahlile uNkulunkulu wenu, owanisindisa ezingozini zonke, nasezinsizini, nithe kuye: ‘Beka inkosi phezu kwethu, isibuse.’ “Ngakho-ke manje, yimani phambi kukaSimakade ngokwezizwana zenu nangemindeni yenu.”


Impela, manje bayakuthi: “Asinankosi, ngokuba asimesabanga uSimakade; pho inkosi ibizosenzelani na?”


Ngenxa yesiphambeko sezwe, linezikhulu eziningi, kepha ngomuntu onokuqonda nonolwazi liyakuma.


USimakade wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nina uSawule na? Ngimlahlile, ngeke esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngikuthuma kuJese waseBhethlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”


Manje nansi-ke inkosi eniyikhethileyo neniyicelileyo; niyabona-ke, uSimakade unibekele inkosi ukuba inibuse.


ISamariya nenkosi yalo kuyomuka njengebazela lintanta emanzini.


USamuweli wabiza imbizo yabantu ukuba baye kuSimakade eMizpha.


USamuweli wathi kuSawule: “Angiyukuhamba nawe, ngokuba uledelele izwi likaSimakade, noSimakade ukulahlile, awuseyukuba yinkosi ebusa u-Israyeli.”


Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bayakuhlala izinsuku eziningi bengenankosi, benganasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.


Bazibekele bona amakhosi angaveli kimi; babeka abaholi ngingazi; bazenzela izithombe ngesiliva nangegolide labo, ukuze kunqunywe.


USamuweli wathi ku-Israyeli wonkana: “Niyabona-ke, ngililalele izwi lenu kukho konke enikushilo kimi; ngibeke inkosi ukuba inibuse.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite