Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 13:1 - IsiZulu 2020

1 Bekuthi uma u-Efrayimi ekhuluma, kube nokuthuthumela, wayephakanyisiwe kwa-Israyeli, kodwa waba necala ngokukhonza uBhali, wayesefa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Lapho u-Efrayimi ekhuluma, kwavela ukuthuthumela; wayephakeme kwa-Israyeli, kepha wazitholela icala ngoBali, wafa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Lapho u-Efrayimi ekhuluma ngokuthuthumela, waphakama kwa-Israyeli; kodwa lapho ona ngoBhali, wafa.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 13:1
26 Referans Kwoze  

Lapho bebabiza, basuka kubo; bayohlabela oBhali, bashisela nezithombe ezibaziweyo impepho.


Ngokuba bonke abaziphakamisayo bayakuthotshiswa; nozithobayo uyakuphakanyiswa.”


Inhliziyo yomuntu iyaziqhenya ngaphambi kokuba abhujiswe, kanti ukuthobeka kwandulela udumo.


UJerobhowamu wakha iShekhemu ezintabeni kwa-Efrayimi, wahlala kulo; wedlula lapho wayokwakha nePhenuweli.


USamuweli wathi: “Nakuba wawuzibona ungomncane, kodwa awenziwanga yini waba yinhloko yezizwana zakwa-Israyeli na? USimakade wakugcoba waba yinkosi phezu kuka-Israyeli.


Amadoda akwa-Efrayimi abizwa ukuba ahlome, ase ewelela eZafoni, athi kuJeftha: “Uweleleni wayokulwa nabakwa-Amoni, wangasibiza thina ukuba sihambe nawe, na? Sizoyithungela ngomlilo indlu yakho, iwele phezu kwakho.”


Abakwa-Efrayimi base bethi kuGideyoni: “Ukwenzeleni lokhu kithi, ukuba ungasibizi uma uyolwa nabakwaMidiyani, na?” Bamthethisa kakhulu.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngizakuqala ukukuphakamisa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli, ukuze bazi ukuthi ngiyoba nawe njengoba nganginaye uMose.


Yilawo amagama amadoda athunywa nguMose ukuyohlola izwe. UMose waqamba uHosheya, indodana kaNuni, ngokuthi nguJoshuwa.


Owesizwana sakwa-Efrayimi: nguHosheya, indodana kaNuni.


Kwase kusuka ibhanela lenkambu yabozalo luka-Efrayimi, ngamaviyo ayo. Laliholwa ngu-Elishama, indodana ka-Amihudi.


kodwa ungadli kwezomuthi wokwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi, ngokuba mhla wadla kuwo, uyokufa nokufa.”


Uthando lukaKhristu luyasiqhubezela; lokhu sibona ukuthi munye owafela bonke, ngakho-ke bonke sebafa;


Ngakho-ke njengalokhu isono sangena emhlabeni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwabehlela abantu bonke, ngokuba bonke bonile.


Zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, ngakho-ke konke lokhu kwavela ngezwi lami,” kusho uSimakade. “Ngiyakubheka kulowo othobekile, nodabukileyo emoyeni, othuthumelayo ngenxa yezwi lami.


“Abantu bebengilalela, balinde, bathule cwaka, balalele iseluleko sami.


Uma sengikhulumile kwakungaphinde kukhulume muntu, amazwi ami ayeconsela phezu kwabo njengamazolo.


Kepha ubengazi ukuthi yiMina obemhlinzeka ngokusanhlamvu, ngewayini elisha, ngesiliva, ngamandisela negolide, abakusebenzisa kuBhali.


Bazibekele bona amakhosi angaveli kimi; babeka abaholi ngingazi; bazenzela izithombe ngesiliva nangegolide labo, ukuze kunqunywe.


ngokuba inhloko ye-Aramu yiDamaseku, inhloko yeDamaseku nguRezini; ingakapheli iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu u-Efrayimi uyobe esehlakaziwe, engasesona ngisho isizwe.


Manje-ke sengizokwembula ihlazo lakhe zizibonela ngawazo amehlo izithandwa zakhe, futhi akukho namunye oyakumhlenga esandleni sami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite