Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 12:9 - IsiZulu 2020

9 Kepha Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho selokhu kwaba seGibhithe. Ngisazokwenza futhi uhlale emathendeni njengasezinsukwini zemikhosi enqunyiweyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Kepha mina nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibithe; ngisezakukuhlalisa ematendeni njengasezinsukwini zemikhosi emisiweyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Mina-ke, nginguJehova uNkulunkulu wenu kwasezweni laseGibithe, ngisazakunihlalisa emadokodweni njengasezinsukwini zemikhosi.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 12:9
22 Referans Kwoze  

Kepha Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho selokhu kwaba seGibhithe; awuyukumazi omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami, akekho futhi omunye uMsindisi ngaphandle kwami.


inkosi yathi kuNathani, umphrofethi: “Bheka, mina ngihlala esigodlweni esakhiwe ngemisedari, kodwa umphongolo kaNkulunkulu uhlala phakathi kwamakhethini, ethendeni.”


Wawususondele uMkhosi wabaJuda wamaDokodo.


Ningakhi zindlu, ningahlwanyeli mbewu, ningatshali sivini, futhi ningabi naso, ngokuba niyakuhlala emathendeni zonke izinsuku zokuphila kwenu ukuze niphile isikhathi eside ezweni lapho nigogobele khona.’


Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhuphula eGibithe; khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise.


Bagubha umkhosi wamadokodo, njengokomthetho, banikela ngeminikelo yokushiswa usuku nosuku, ngokwenani elinqunyelwe usuku nosuku, njengoba kulotshiwe.


NginguSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe, ukuze ngibe nguNkulunkulu wenu; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.”


NginguSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngephulile izikeyi zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe nikhululekile.


Niyakuba nezilinganiso zeqiniso, nezisindo zeqiniso, ne-efa leqiniso, nehini leqiniso; nginguSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe.


“NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


Bakhula abafana, u-Esawu waba yiphisi, ekhonze ukuhlala endle; uJakobe wayengumuntu othule engumnqolo, ehlala emathendeni.


Nganikhuphula eGibhithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathumela uMose, u-Aroni noMiriyamu ukuba banihole.


Kulapho-ke ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi i-Akhori sibe ngumnyango wethemba. Uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe, nanjengosuku lokukhuphuka kwakhe eGibhithe.


“Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda; ngayibiza indodana yami ukuba iphume eGibhithe.


Impela umuntu angemhlenge umfowabo, noma amhlawulele kuNkulunkulu.


Lesi yisizukulwane esizibona simsulwa emehlweni aso, esingahlanzwanga insila yaso.


Njengendlwana yezinyoni igcwele izinyoni, kanjalo izindlu zabo zigcwele inkohliso; bakhulu, banothile.


Abazithengile bazihlaba, kodwa bona abethweswa cala, nabazithengisayo bathi: ‘Makabongwe uSimakade; sengicebile.’ Abelusi bazo abanaluzwelo ngazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite