Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 12:13 - IsiZulu 2020

13 USimakade wakhuphula u-Israyeli eGibhithe ngomphrofethi, wamlondoloza ngomphrofethi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UJehova wakhuphula u-Israyeli eGibithe ngomprofethi, wagcinwa ngomprofethi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngomprofethi uJehova wamkhipha u-Israyeli eGibithe, walondolozwa ngomprofethi.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 12:13
17 Referans Kwoze  

Abantu bakho wabahola njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.


Nganikhuphula eGibhithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathumela uMose, u-Aroni noMiriyamu ukuba banihole.


UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo.


“Lapho uJakobe esefikile eGibhithe, okhokho benu bakhala kuSimakade. USimakade wathuma uMose no-Aroni, babakhipha okhokho benu eGibhithe, wabahlalisa kule ndawo.


Ingelosi kaNkulunkulu eyayihamba phambi kwempi yabakwa-Israyeli yasuka yaya ngemuva kwabo; nensika yefu eyayihamba phambi kwabo yasuka yaba ngemuva kwabo.


Yena, ngikhuluma ngokusobala umlomo nomlomo, hhayi ngombono noma ngamazwi ayimfumbe, futhi uyasibona isimo sikaSimakade. Kungani ningesabanga ukukhuluma ngenceku yami uMose na?”


Kulapho-ke ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi i-Akhori sibe ngumnyango wethemba. Uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe, nanjengosuku lokukhuphuka kwakhe eGibhithe.


“Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda; ngayibiza indodana yami ukuba iphume eGibhithe.


Hamba uye ePhadani Aramu endlini kaBhethuweli, uyihlomkhulu, ufike khona uzithathele umfazi emadodakazini kaLabani umalume wakho.


UJakobe wasebenza iminyaka eyisikhombisa ukuze aganwe nguRaheli, kodwa ngenxa yothando ayemthanda ngalo uRaheli kwaba sengathi iyizinsuku ezimbalwa.


Wena uyophendula phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Ukhokho wami wayengumAramu owayezulazula, wehlela eGibhithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe esikhulu khona, esinamandla nesiningi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite