Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 12:11 - IsiZulu 2020

11 Ngabe iGiliyadi selonakele? Impela abaselutho; bahlabe izinkunzi eGiligali, ngakho-ke ama-althare abo ayakuba njengenqwaba yamatshe emiseleni yamasimu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Uma iGileyadi linobubi, impela bayakuba ngabachithiwe; uma behlabela izinkunzi eGiligali, ama-altare abo ayakuba njengezinqwaba ngasemiseleni yamasimu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kukhona ukungabi nabulungisa eGileyadi? impela ziyize; bahlaba izinkunzi eGiligali; yebo, ama-altare abo anjengezinqwaba emiseleni yensimu.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 12:11
18 Referans Kwoze  

“Ngokuba u-Efrayimi wandisile ama-althare emihlatshelo yesono; esephenduke ama-althare emihlatshelo yesono.


IGileyadi lingumuzi wabenza inkohlakalo, limabhadubhadu yigazi.


“Nakuba wena Israyeli ufeba, uJuda makangabi nacala; ungayi eGiligali, ungakhuphukeli eBhethi Aveni, ungafungi ngokuphila kukaSimakade.


Bonke ububi babo buseGiligali, impela ngabazonda khona lapho; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angiyukubathanda futhi; zonke izikhulu zabo zingamahlubuka.


U-Israyeli wayengumvini owenabileyo, wathela izithelo zakhe eziningi, ngokwanda kwesithelo sakhe wandisa ama-althare akhe; kwathi ngokuchuma kwezwe lakhe wenza izinsika ezingcwele.


Labo abakhonza izithombe eziyize, bamfulathele uNkulunkulu othembekileyo.


Kodwa ningalifuni iBhethele, ningayi eGiligali, ningadluleli eBheri Sheba, ngokuba impela iGiligali liyakuthunjwa, iBhethele liphenduke ize.


“Wozani eBhethele, nizokona, naseGiligali, nizokwandisa iziphambeko, nilethe imihlatshelo yenu njalo ekuseni, nokweshumi kwenu ngezinsuku ezintathu.


Ziyize, umsebenzi wokuhlekwa, ngesikhathi abayojeziswa ngaso, ziyakushabalala.


Bonke bayiziphukuphuku neziwula. Ukuyala kwezithombe kufana nokhuni nje,


Baphi onkulunkulu bakho ozenzele bona na? Mabavuke, uma bengakusindisa ngesikhathi sokuhlupheka kwakho, ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho, Juda.


“Ngokuba kwasemandulo walephula ijoka lakho, wagqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyukukhonza.’ Ngokuba kuwo wonke amagquma aphakemeyo, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, walala njengesifebe.


U-Eliya, umThishibhi owayengomunye wababegogobele kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, akuyukuba khona mazolo namvula kule minyaka, kuze kusho mina.”


Inhliziyo yabo inobuqili; manje-ke bayakulithwala icala labo. USimakade uyakuwacekela phansi ama-althare abo, abhidlize izinsika zabo ezingcwele.


Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umphrofethi phakathi kwenu, Mina Simakade ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume naye ngephupho.


Nokho uSimakade wayemxwayisile u-Israyeli noJuda ngomlomo wabo bonke abaphrofethi nababoni, wathi: “Phendukani ezindleleni zenu ezimbi, nigcine imiyalo yami nezimiso zami, nenze wonke umthetho engabayala ngawo okhokho benu, nengawuthumela kini ngomlomo wezinceku zami, abaphrofethi.”


“Ndodana yomuntu, banike imfumbe, ukhulume ngomfanekiso kuyo indlu yakwa-Israyeli,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite