Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 11:7 - IsiZulu 2020

7 Abantu bami baphikelele ukuhlubuka kimi, noma bangambiza kangakanani oPhezukonke, ngeke abaphakamise.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Abantu bami bahlose ukuhlehla kimi; noma bebabizela kongaPhezulu kangakanani, akakho oziphakamisayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Abantu bami bavame ukumuka kimi; noma bebiza koPhezukonke, akekho oyomphakamisa.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 11:7
18 Referans Kwoze  

Pho kungani laba bantu baseJerusalema bephendukile, bahlubuka njalonjalo na? Babambelela enkohlisweni, benqaba ukubuya.


Ngiyakwelapha ukuhlubuka kwabo, ngibathande ngokukhululeka, ngokuba intukuthelo yami isukile kubo.


Lapho bebabiza, basuka kubo; bayohlabela oBhali, bashisela nezithombe ezibaziweyo impepho.


Babuya, kodwa hhayi koPhezukonke, babanjengomnsalo oxegayo; abaholi babo bayakufa ngenkemba ngenxa yokugxibha kolimi lwabo. Bayakuba yinhlekisa eGibhithe.”


USimakade wayesethi kimi: “U-Israyeli ohlubukayo uzibonakalise elungile kimi kunoJuda okhohlisayo.


Umuntu ohlehlayo uyothola umvuzo wezindlela zakhe, kodwa olungileyo uvuna akutshalileyo.


“Kepha abantu bami abalilalelanga izwi lami, u-Israyeli wangishaya indiva.


Ngokuba u-Israyeli unenkani njengesithole esinenkani; pho uSimakade angabelusa kanjani njengewundlu lemvu emadlelweni abanzi na?


Simakade, nakuba izono zethu zifakaza ngathi, kodwa yenza okuthile, ngenxa yegama lakho, ngokuba ukuhlubuka kwethu kukhulu; sonile kuwe.


Uma omubi enzelwa umusa akakufundi ukulunga; ezweni lobuqotho wenza ukonakala, angabuboni ubukhosi bukaSimakade.


Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


Kusukela ngosuku okhokho benu abaphuma ngalo eGibhithe kuze kube namuhla, ngathumela kini zonke izinceku zami, abaphrofethi, ngibathumela imihla namalanga.


Nokho abazange bangilalele, abayibekanga indlebe yabo kimi, kodwa bazenza lukhuni izintamo zabo; benza okubi ukwedlula okhokho babo.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite