Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 11:3 - IsiZulu 2020

3 Kepha yiMina engacathulisa u-Efrayimi; ngabagona ngezingalo zami, kodwa abazanga ukuthi ngabaphulukisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Nokho mina ngamcathulisa u-Efrayimi; ngabaphatha ngezingalo zami, kepha abazanga ukuthi ngabaphulukisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Mina ngamfundisa u-Efrayimi ukuhamba, ngababamba ngezingalo; kodwa babengazi ukuthi ngabaphulukisa.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 11:3
20 Referans Kwoze  

Ngokuba ngiyakukuphilisa, ngelaphe izilonda zakho,’ kusho uSimakade, ‘ngokuba bakubize ngoxoshiweyo, neZiyoni akukho muntu olifunayo.’


Nasehlane, nibonile ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wanithwala njengendoda igqogqoshe indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.’


Wathi: “Uma nililalela ngokucophelela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, nenze okulungileyo emehlweni akhe, nigcine imiyalo yakhe, nigcine zonke izimiso zakhe, angiyukunehlisela zonke izifo engazehlisela abaseGibhithe, ngokuba nginguSimakade oniphilisayo.”


Mina ngabaqeqesha, ngaqinisa izandla zabo, kodwa bangakhela uzungu.


Wababekezelela ehlane, kungathi iminyaka engama-40.


Ngiyakwelapha ukuhlubuka kwabo, ngibathande ngokukhululeka, ngokuba intukuthelo yami isukile kubo.


“Lapho nje ngimphulukisa u-Israyeli, kuyakuhlala obala isiphambeko sika-Efrayimi nobubi beSamariya, ngokuba benza inkohliso, kwagqekeza amasela, neqembu labaphangi lahlasela emigwaqweni.


Kepha ubengazi ukuthi yiMina obemhlinzeka ngokusanhlamvu, ngewayini elisha, ngesiliva, ngamandisela negolide, abakusebenzisa kuBhali.


kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.


“Ngilalele, wena ndlu kaJakobe, yonke insali yabendlu ka-Israyeli engayimitha ngaze ngayizala, ngayithwala esibelethweni.


Ngosuku uSimakade ayobopha ngalo amanxeba abantu bakhe, aphulukise izilonda abashaya zona; ukukhanya kwenyanga kuyoba njengokukhanya kwelanga, nokukhanya kwelanga kuphindwe kasikhombisa, kube njengokukhanya kwamalanga ayisikhombisa.


Niyakumkhonza uSimakade uNkulunkulu wenu, Mina ngiyobusisa ukudla namanzi enu, ngisuse izifo phakathi kwenu.


Alikho yini ibhalisamu kwaGileyadi na? Ayikho yini inyanga lapho na? Pho abelashwa ngani abantu bami na?


Yizwani mazulu, ubeke indlebe we mhlaba, ngokuba uSimakade ukhuluma, uthi: “Ngikhulisile, ngondla abantwana, kodwa bangihlubukile.


Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha.


‘Nikubonile engikwenze kwabaseGibhithe, nokuthi nginithwale kanjani ngamaphiko okhozi nganiletha kimi.


Wathumela izwi lakhe, wabaphilisa, wabahlenga emathuneni abo.


UNkulunkulu wasemandulo uyisiphephelo nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho wathi: ‘Bhubhisa.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite