Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 11:2 - IsiZulu 2020

2 Lapho bebabiza, basuka kubo; bayohlabela oBhali, bashisela nezithombe ezibaziweyo impepho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Lapho bebabiza, kwaba yilokhu besuka kubo; babahlabela oBali, bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Njengalokhu bababiza, basuka kanjalo kubo, bahlabela oBali, bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 11:2
28 Referans Kwoze  

Ngiyakumjezisela izinsuku zoBhali lezo ayebashisela ngazo impepho, ezihlobisa ngezindandatho zakhe nangobucwebecwebe bakhe, elandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa Mina,” kusho uSimakade.


Nokho abantu bami bangikhohliwe, bashisela okuyize impepho; bakhubeka ezindleleni zabo, emendweni yasemandulo, ukuba bahambe ngemikhondo, nangezindlela ezingahlelwanga;


ububi babo, nobokhokho babo kanyekanye,” kusho uSimakade.


Abantu bami baphikelele ukuhlubuka kimi, noma bangambiza kangakanani oPhezukonke, ngeke abaphakamise.


“Nina bontamolukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele, nani nifuze okhokho benu.


Yilesi isehlulelo ukuthi ukukhanya kufikile emhlabeni, kodwa abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngoba imisebenzi yabo imibi.


“Jerusalema! Jerusalema! Wena obulala abaphrofethi, ukhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi ngilangazelela ukuqoqa abantu bakho njengesikhukhukazi sikhoselise amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga.


“Kepha benqaba ukulalela, bapikla, bavala izindlebe zabo ukuba bangezwa.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: hamba uthi kubo bonke abakwaJuda nezakhamuzi zaseJerusalema, uthi: ‘Aniyukukwamukela yini ukuyalwa ukuba nigcine amazwi ami na?’ kusho uSimakade.


Wababekezelela iminyaka eminingi, wabexwayisa ngoMoya wakho, wakhuluma ngabaphrofethi bakho, kodwa abakugqizanga qakala lokho, ngakho-ke wabanikela kubantu abakhelene nabo.


Ngalokho-ke thumela, uqoqele kimi wonke u-Israyeli entabeni iKharmeli, nabaphrofethi bakaBhali abangama-450, nabaphrofethi baka-Ashera abangama-400, abadla etafuleni likaJezebheli.”


Wanikela e-althare ayelenzile eBhethele, ngosuku lwe-15, ngenyanga yesishiyagalombili, okuyinyanga ayeyinqume yena; wenzela abantu bakwa-Israyeli umkhosi, wenyukela e-althare, washisa impepho.


Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali no-Ashitharothi, onkulunkulu bama-Aramu, nonkulunkulu bamaSidoni, nonkulunkulu bakwaMowabi, nonkulunkulu bama-Amoni, nonkulunkulu bamaFilisti. Bamshiya kanjalo uSimakade, ababe besamkhonza.


Abantu bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhohlwa nguSimakade uNkulunkulu wabo, bakhonza oBhali no-Ashera.


Bamshiya uSimakade, bakhonza uBhali no-Ashitharothi.


“Ningafani nokhokho benu okwathi lapho abaphrofethi bakuqala bememezela kubo, bethi: Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ake niphenduke ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu zobubi,’ kodwa abalalelanga, futhi abazange banginake, kusho uSimakade.


Benza imihlatshelo ezicongweni zezintaba, bashise impepho emagqumeni, phansi kwemi-okhi, kwemiphophula nemitherebhinte, ngokuba umthunzi walokho muhle. Ngalokho-ke amadodakazi enu ayafeba, nomalokazana benu bayaphinga.


Nokho abangilalelanga, abangishayanga mkhuba, ukuba baphenduke ebubini babo, bangabe besashisela abanye onkulunkulu impepho.


U-Efrayimi uzibandakanye nezithombe, myeke kanjalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite