Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 11:1 - IsiZulu 2020

1 “Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda; ngayibiza indodana yami ukuba iphume eGibhithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda, ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Lapho u-Israyeli esengumntwana, ngamthanda ngayibiza indodana yami iphume eGibhithe.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 11:1
18 Referans Kwoze  

Wahlala khona, waze wakhothama uHerode ukuze kugcwaliseke okwashiwo yiNkosi ngomphrofethi, yathi: “Ngayibiza indodana yami ukuba iphume eGibhithe.”


Uyakuthi kuFaro: ‘Usho kanje uSimakade: “U-Israyeli uyizibulo lami,


Kepha Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho selokhu kwaba seGibhithe; awuyukumazi omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami, akekho futhi omunye uMsindisi ngaphandle kwami.


Kulapho-ke ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi i-Akhori sibe ngumnyango wethemba. Uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe, nanjengosuku lokukhuphuka kwakhe eGibhithe.


“ ‘Usho kanje uSimakade, ngiyakukhumbula umusa wobusha bakho, uthando lwakho njengomakoti, nokuthi wangilandela kanjani ehlane, ezweni okungatshalwanga lutho kulo.


“Nginithandile,” kusho uSimakade. “Kodwa nina nithi: ‘Usithande kanjani na?’ “Ngabe u-Esawu wayengeyena umnewabo kaJakobe na? kubuza uSimakade. “Ngamthanda uJakobe,


USimakade wakhuphula u-Israyeli eGibhithe ngomphrofethi, wamlondoloza ngomphrofethi.


“ ‘ “Ngesikhathi ngidlula ngakuwe, ngakubona ungqashangqasha egazini lakho, ngathi kuwe: wena osegazini lakho: Phila! Yebo, ngasho kanjalo usegazini lakho, ngathi kuwe: Phila!


“USimakade akanithandanga nje kuphela, akanikhethanga kunezinye izizwe ngoba nibaningi; naniyingcosana kunezizwe zonke.


Kepha Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho selokhu kwaba seGibhithe. Ngisazokwenza futhi uhlale emathendeni njengasezinsukwini zemikhosi enqunyiweyo.


ngathi kuwe: yivumele indodana yami ihambe ukuze ingikhonze, kepha wenqaba ukuyidedela ihambe, uyabona-ke, ngizoyibulala indodana yakho, izibulo lakho.” ’ ”


Bangihluphe kakhulu, kusukela ebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli.


“Ngiyishiyile indlu yami, ngalilahla ifa lami, nginikele ngothandiweyo womphefumulo wami, esandleni sezitha zakhe.


Kuyokwenziwa kanjalo nakuwe Bhethele, ngenxa yokonakala okukhulu; inkosi yakwa-Israyeli iyobhujiswa iphele nya entathakusa.”


‘Nikubonile engikwenze kwabaseGibhithe, nokuthi nginithwale kanjani ngamaphiko okhozi nganiletha kimi.


Yebo, uyazithanda izizwe, bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho; baholelwe ngasezinyaweni zakho, bayakwemukela okwamazwi akho.


Ngokuba uyigugu emehlweni ami, uhloniphekile, futhi ngiyakuthanda; ngiyonikela abantu esikhundleni sakho, nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.


Kuzo zonke izinengiso owazenza, nobufebe bakho, awuzikhumbulanga izinsuku zobusha bakho, ngesikhathi wawunqunu, uhamba ze, ungqashangqasha egazini lakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite