Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 10:6 - IsiZulu 2020

6 Liyakuthwalwa lisiwe e-Asiriya libe yisipho senkosi uJarebi; u-Efrayimi uyakwemukela ihlazo, u-Israyeli abe namahloni ngezeluleko zakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Iyakuyiswa e-Asiriya ibe yisipho kuyo inkosi uJarebi; u-Efrayimi uyakwamukela ihlazo, u-Israyeli ajabhe ngeziluleko zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Liyakulethwa e-Asiriya libe yisipho eNkosini uJarebi; U-Efrayimi uyokwamukela ihlazo, futhi u-Israyeli uyoba namahloni ngecebo lakhe.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 10:6
22 Referans Kwoze  

“Kwathi lapho u-Efrayimi ebona ukugula kwakhe noJuda ebona isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi, kodwa nayo ayiyukukwazi ukuniphulukisa, iyakwehluleka ukwelapha isilonda senu.


Ukukhosela kwenu kuFaro kuzophenduka ichilo kini, nokukhosela emthunzini eGibhithe kuyonithela ngehlazo.


Nonkulunkulu babo nezithombe zabo ezibunjiweyo nezitsha zabo ezinxanelekayo zesiliva nezegolide uyakukuthumba, akuyise eGibhithe, ayiyeke inkosi yasenyakatho iminyaka ethile.


Kepha abalalelanga, abayibekanga indlebe yabo kwengikushoyo, kodwa bahamba ngokobulukhuni benhliziyo yabo embi; bahlubuka, bahlehlela emuva, abaze baqhubekela phambili.


Izimiso zika-Omri ziyalandelwa, nayo yonke imisebenzi yendlu ka-Ahabi nihambe ngayo, ngokwamacebo abo, ngalokho-ke ngiyakunenza incithakalo, nezakhamuzi into enximfelwayo, niyakuthwala ihlazo labantu bami.”


Ngokuba livela kwa-Israyeli, ingcweti ilenzile, kodwa alisiye uNkulunkulu; impela ithole laseSamariya liyakuba zicucu.


Umoya ubasongile ngamaphiko awo, bayakujabha ngemihlatshelo yabo.”


Njengoba banda nje, kanjalo kuyanda nokona kwabo kimi. Ngiyakuguqula ukuhlonishwa kwabo kube yihlazo.


Niyakuzikhumbula izindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezingezinhle, nizenyanye nina uqobo, ngenxa yobubi benu nangenxa yezinengiso zenu.


UMowabi uyakujabha ngoKhemoshi, njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBhetheli, ithemba layo.


Bayakujabha bonke ngothi lwabo, babe namahloni, bayokuhamba bedumele bonke abenza izithombe.


“Impela niyokuba namahloni ngemi-okhi ebeniyilubalubela, niphoxeke ngezivande enaseniziqokile.


Izinyathelo zaso ezinamandla ziyafinyezwa, namasu aso asiqumbe phansi.


UShalimenazeri, inkosi yase-Asiriya, wenyuka ukuba amhlasele. UHosheya waba yisikhonzi sakhe, wathumela kuye intela.


Wafeba nabantu base-Asiriya, ngokuba wawungeneliswa; yebo, wafeba nabo, kodwa kuze kube manje awukadeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite